Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




2 kuThimothewu 3:10 - IsiZulu 2020

10 Kodwa wena walandela ngokucophelela imfundiso yami, ukuziphatha, umgomo, ukukholwa, ukubekezela, uthando, ukuhlupheka,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Kepha wena walandela isifundiso sami nokuziphatha, nomgomo, nenkolo, nokubheka kade, nothando, nokubekezela,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Kodwa wena usuyazile ngokugcwele imfundiso yami, indlela yokuphila, inhloso, ukholo, ukubekezela, uthando, ukubekezela,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kodwa wena usuyazile ngokugcwele imfundiso yami, indlela yokuphila, inhloso, ukholo, ukubekezela, uthando, ukubekezela,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 kuThimothewu 3:10
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha uDaniyeli wazimisela enhliziyweni yakhe ukuba angazingcolisi ngesabelo sokudla kwenkosi nangewayini eliphuzayo; wayesecela enduneni yabathenwa ukuba angazingcolisi.


nami ngizwa kufanale, njengalokhu ngizihlolisisile ngokucophelela zonke izinto, kusukela ekuqaleni, ukuba ngikulobele ngokuhlelekile, Theyofilu odumileyo,


Esefikile, wabona umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabagqugquzela bonke ukuba bazinikele ngenhliziyo, banamathele eNkosini.


Bazinikela njalo esifundisweni sabaphostoli, ekuhlanganeni, ekuhlephuleni isinkwa, nasemikhulekweni.


Kuthe esefikile kuye, wathi kuwo: “Niyazi ukuthi kusukela osukwini lokuqala engafika ngalo e-Asiya ngaziphatha kanjani isikhathi sonke nginani.


“Bonke abaJuda bayayazi inkambo yami kusukela ekuqaleni, ebusheni bami phakathi kwabakithi naseJerusalema.


Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba nibaqaphele abadala ukwahlukana nabaphazamisa imfundiso enafundiswa yona, nihlukane nabo,


Ngabe ngangidlala yini uma ngihlela ukwenza lokho na? Noma kumbe izinto engizihlelayo ngikwenza lokho ngokwenyama ngilindele ukuthi yebo, yebo, noma qha, qha, ngesikhathi esifanayo na?


ukuze singabe sisaba yizingane, siphonswa le nale ngamagagasi, sipheshulwa yinoma yimuphi umoya wemfundiso ngokukhohlisa kwabantu nangobuqili obunamacebo adukisayo.


Ngokuba anginamuntu onenhliziyo enjengeyakhe, onganakekela izindaba zenu ngobuqotho.


Kepha niyakwazi ukwethembeka kwakhe ukuthi ukubonakalisile ngokusebenza nami, njengendodana isebenza noyise ngenxa yevangeli.


ngokuba ivangeli lethu alifikanga ngamazwi nje kuphela, kodwa ngamandla, nangoMoya oNgcwele, nangokwethemba okukhulu, njengokuba nazi ukuthi saba ngabantu abanjani phakathi kwenu, ngenxa yenu.


Njengalokhu ngakunxusa ngesikhathi ngilibangise eMakhedoniya ukuba uhlale e-Efesu, ukuze uyale abathile ukuba bangafundisi okwahlukileyo,


Uma ubayala abazalwane ngalokhu, uyakuba yisikhonzi esihle sikaKhristu uJesu, wondliwe ngamazwi okukholwa nemfundiso enhle oyilandelayo.


Wena muntu kaNkulunkulu, baleka kulezo zinto, kodwa phokophelela ukulunga, ukwesaba uNkulunkulu, ukukholwa, uthando, ukubekezela nobumnene.


Ngakho-ke zibalekele izinkanuko zobusha, uphokophelele ukulunga, ukukholwa, uthando, ukuthula kanye nalabo abakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlanzekileyo.


shumayela izwi, ulungele ukulishumayela, noma kuyisikhathi noma kungesiso. Sola, ukhuze, ugqugquzele ngakho konke ukubekezela nokufundisa.


Ngokuba kuyakufika isikhathi abangayukuyamukela ngaso imfundiso elungileyo, kodwa bayakuzibuthela abafundisi ngokwezinkanuko zabo nangokubatshwa kwezindlebe zabo.


Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiliqedile ibanga, ngikugcinile ukukholwa;


Zibonakalise kukho konke lokhu uyisibonelo semisebenzi emihle, ubonise ubuqotho ekufundiseni nesizotha,


Ningadukiswa yizimfundiso ezehlukahlukeneyo nezingaziwayo, ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa, kungabi ngokudla okungabasizanga nalabo abaphila ngakho.


Njengokuba konke kuyakubhujiswa kanjalo, nifanele nibe ngabantu abanjani ekuziphatheni ngobungcwele, nangokumesaba uNkulunkulu,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka