Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




2 kaPetru 2:19 - IsiZulu 2020

19 Babathembisa inkululeko, kodwa bona luqobo bayizigqila zenkohlakalo, phela lokho okumehlulayo umuntu, uyisigqila sakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 bebathembisa inkululeko, kanti bona uqobo lwabo bayizigqila zokubhubha; ngokuba lokho umuntu ahlulwa yikho uyisigqila sakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 bebathembisa inkululeko, bona ngokwabo bayizigqila zokubhubha;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Bebathembisa inkululeko, bona ngokwabo bayizigqila zokubhubha;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




2 kaPetru 2:19
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Maye, kuwo umqhele wokuzikhukhumeza kwezidakwa zakwa-Efrayimi, nasembalini ebunayo yobuhle obukhazimulayo bawo, osenhloko yesigodi esivundile, salabo abanqotshwe yiwayini!


Mayelana nabaphrofethi. Inhliziyo yami yephukile ngaphakathi kwami, wonke amathambo ami ayathuthumela. Sengifana nomuntu odakiweyo, nanjengomuntu owahlulwe yiwayini; ngenxa kaSimakade, nangenxa yamazwi akhe angcwele.


Umphristi uyakumbheka; uma ebona ukuthi utwayi lwandile esikhumbeni, uyakumemezela ukuthi ungcolile; kusho ukuthi unesifo sesikhumba esithathelanwayo.


UJesu wabaphendula, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: yilowo nalowo owenza isono, uyisigqila sesono.


Lowo muntu onomoya omubi wabadumela, esebahlulile bonke, wabanqoba; baze baphunyuka kuleyo ndlu babaleka behambaze, futhi belimele.


UKhristu wasikhulula ukuze sibe ngabakhululekileyo. Ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.


Ngokuba nina bazalwane nabizelwa enkululekweni, ningayisebenzisi-ke inkululeko njengezaba zokwenza imisebenzi yenyama, kodwa khonzanani ngothando.


basanguluke engqondweni, baphunyuke ogibeni lukaSathane, ababambe ngalo ukuze benze intando yakhe.


Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sidukiswa, siyizigqila zezinkanuko nokutamasa okunhlobonhlobo, siphila ebubini, sinomona, sizondwa futhi sizondana.


Nina ningabakhululekileyo, kodwa ningakwenzi ukukhululeka kwenu kube yisembozo sokubi, kepha ziphatheni njengezinceku zikaNkulunkulu.


aniphe ngakho izithembiso eziyigugu nezinkulukazi, ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli besimo sobuNkulunkulu, nibalekele ukubhubha ngezinkanuko okusezweni.


Ngokuba lapho sebephunyukile ekungcoleni kwaleli lizwe ngokwazi iNkosi yethu noMsindisi uJesu Khristu kodwa baphinde babanjwa yikho, kwabehlula, futhi isiphetho sabo sibasibi kakhulu kunesiqalo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka