Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 17:50 - IsiZulu 2020

50 UDavide wamehlula umFilisti ngendwayimana nangetshe, wamshaya umFilisti, wambulala, kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

50 UDavide wamahlula umFilisti ngendwayimana nangetshe, wamshaya umFilisti, wambulala; kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

50 UDavide wamnqoba umFilisti ngendwayimana nangetshe, wamshaya umFilisti, wambulala; kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 17:50
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathola umhlathi osemusha wembongolo, wawuthatha, wabulala ngawo amadoda ayinkulungwane.


Emva kwakhe kwalandela uShamgari, indodana ka-Anathi, owabulala amaFilisti angama-600 ngomcijo wokuhlokoloza izinkomo. Naye futhi wamkhulula u-Israyeli.


Kwathi ngosuku impi eyayibambene ngalo, akwaba bikho muntu kwabakwa-Israyeli ophethe inkemba noma umkhonto esandleni kulabo ababenoSawule noJonathani, ngaphandle kukaSawule noJonathani, indodana yakhe.


Wambhincisa uDavide inkemba yakhe phezu kwezingubo ayemgqokise zona, wazama ukuhamba ngokuba wayengazejwayele. UDavide wathi kuSawule: “Angikwazi ukuhamba nalezi zinto; angikazejwayeli.” UDavide wayesezikhumula.


UDavide wafaka isandla sakhe esikhwameni sakhe, wakhipha khona itshe, walidwiza, wamshaya umFilisti ebunzini, itshe lashona ebunzini, wawela phansi ngobuso.


Wayesegijima uDavide, wema phezu komFilisti, wathatha inkemba yakhe, wayihosha emgodleni wayo, wambulala, wamnquma ikhanda ngayo. Lapho amaFilisti ebona ukuthi iqhawe lawo lifile, acela empunzini.


Ibeke impilo yayo engcupheni ngesikhathi ibulala umFilisti, uSimakade wabalethela ukunqoba okukhulu bonke abakwa-Israyeli. Uzibonele nawe, wajabula, pho kungani-ke usufuna ukona umuntu ongenacala, ubulale uDavide ngaphandle kwesizathu na?”


Wayesethi umphristi: “Kukhona inkemba kaGoliyathi, umFilisti, owambulala esigodini i-Ela. Ilapho, isongwe ngendwangu emuva kwengubo yamahlombe. Uma uthanda ukuyithatha, yithathe, ngokuba ayikho enye ngaphandle kwaleyo.” UDavide wathi: “Ayikho efana naleyo, nginike yona.”


USawule wathi: “USimakade makanibusise, ngoba ningizwele.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka