Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




1 Samuweli 14:39 - IsiZulu 2020

39 Kuphila kukaSimakade osindisa u-Israyeli, ngisho noma ngabe senziwe nguJonathani indodana yami, uyakufa nokufa.” Kepha akekho noyedwa owamphendula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 Ngokuba, kuphila kukaJehova osindisa u-Israyeli, nokuba sikuJonathani indodana yami, uyakufa nokufa.” Kepha akwabakho noyedwa owamphendulayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

39 Ngokuba kuphila kukaJehova ohlenga u-Israyeli, noma sikuJonathani indodana yami, uyakufa nokufa. Kodwa kwakungekho muntu phakathi kwabo bonke owamphendula.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




1 Samuweli 14:39
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wathukuthela kakhulu ngenxa yalowo muntu, wathi kuNathani: “Ngifunga ngiyagomela kuSimakade, umuntu owenze lokho umelwe wukufa.


Inkosi yayisithi kuJowabe: “Bheka-ke, ngizokwenza lokho. Hamba ulande umfana, u-Absalomu.”


Isiphetho sabo bonke siyefana: abalungile nabangalungile, abahle nababi, abahlanzekile nabangcolile, abethula imihlatshelo nabangayethuli. Njengoba enjalo umuntu olungileyo, sinjalo nesoni; nanjengoba enjalo ofungayo, unjalo nobalekela isifungo.


Abantu bakwa-Israyeli babecindezelekile ngalolo lusuku, ngokuba uSawule wayebafungisile abantu, wathi: “Makaqalekiswe umuntu oyodla ukudla kungakahlwi, ngingakaziphindiseli ezitheni zami.” Akukho muntu owadla ukudla.


Wayesethi ku-Israyeli wonke: “Buyelani nganhlanye nina, mina noJonathani, indodana yami, siyakuya ngakolunye uhlangothi.” Abantu bathi kuSawule: “Yenza okuhle okubona kufanele.”


USawule wathi: “Makenze kanjalo uNkulunkulu, enezele futhi, ngokuba uyakufa nokufa, Jonathani!”


USawule wamlalela uJonathani, wayesefunga ethi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, akayukubulawa.”


Ngokuba ngazo zonke izinsuku indodana kaJese isaphila emhlabeni awuyukuzinza wena nombuso wakho. Ngalokho thumela umlande eze kimi, ngoba kufanele ukuba afe.”


Inkosi yayisithi: “Impela uzakufa nokufa wena Ahimelekhi, nayo yonke indlu kayihlo.”


USawule wafunga wagomela kowesifazane, wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, awuyukwethweswa cala ngalokho.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka