Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 9:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ngoba kuzwakele ilizwi lokulila livela eZiyoni lisithi: Yeka ukuchithwa kwethu! sinamahloni kakhulu, ngokuba silishiyile izwe, ngokuba izindlu zethu zisixoshile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Ngokuba izwi lokukhala lizwakala livela eSiyoni, lithi: ‘Yeka ukuphangwa kwethu! Sijabhile kakhulu, ngokuba silishiyile izwe, ngokuba badilizile izindlu zethu.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

19 Ngokuba izwi lesililo lizwakele livela eZiyoni, lithi: ‘Yeka ukubhujiswa kwethu! Sithelwe ngehlazo kakhulu; silishiyile izwe, ngokuba bazidilizile izindlu zethu.’ ”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 9:19
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Vukani nina besifazane abaduduzayo; yizwani izwi lami, madodakazi angenandaba! lalelani inkulumo yami.


Wayesethi uJehova kimi: “Noma oMose noSamuweli babemi phambi kwami, nokho imicabango yami yayingenakubhekisa kulaba bantu; zilahle ebusweni bami, ziphume.


U-Israyeli uyinceku na? uyisigqila sokuzalwa ekhaya na? woniwe ngani?


Bheka, uyenyuka njengamafu, nezinqola zakhe zinjengesivunguvungu; amahhashi akhe anejubane kunezinkozi. Maye kithi! ngoba sonakele.


Kumenyezelwa incithakalo phezu kokubhujiswa; ngokuba izwe lonke selichithekile; kungazelelwe amatende ami abhidlika nezilenge zami ngokuphazima kweso.


Ngiyakunixosha phambi kwami, njengalokho ngaxosha bonke abafowenu, yonke inzalo yakwa-Efrayimi.


Bayangicunula na? usho uJehova; abahlazisi ebusweni babo na?


Nquma izinwele zakho, Jerusalema, uzilahle, uphakamise isililo phezulu; ngokuba uJehova usalile, wasilahla isizukulwane solaka lwayo.


Basebememeza bathi: Hambani! ingcolile; sukani, sukani, ningathinti; lapho bebaleka bezulazula, bathi phakathi kwabezizwe: Kabayikugogobala khona;


Ifa lethu selidlulele kwabafokazi, izindlu zethu kwabafokazi.


Manje, ndodana yomuntu, yenza isililo ngeTire;


Izwe liyangcoliswa; ngalokho ngiyakuhambela ububi bakhe phezu kwalo, izwe liyabakhafula abakhileyo kulo.


ukuze izwe linganikhafuli, uma nilingcolisa, njengalokho laphalaza izizwe ezaziphambi kwenu.


Ngakho anogcina zonke izimiso zami nezahlulelo zami zonke, nizenze, funa izwe enginiyisa kulo ukuba nihlale kulo, linikhafulele.


Sukumani nihambe; ngoba kayisikho ukuphumula kwenu; ngoba ingcolisiwe, izalichitha, yebo ngencithakalo enkulu.


Ngalolosuku umuntu uyakwenza umfanekiso ngani, alile ngesililo, athi: Sibhujisiwe saphela; Washintsha indawo yabantu bami; uyisuse kanjani kimi! Wahlukanisa insimu yethu.


Uyophumputha emini njengempumputhe ebumnyameni, futhi ngeke uphumelele ezindleleni zakho; niyocindezelwa njalo nje, niphangwe, kungabikho onisindisayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka