Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 7:30 - Contemporary Zulu Bible 2024

30 Ngokuba abantwana bakwaJuda benzile okubi emehlweni ami,” usho uJehova, “babekile izinengiso zabo endlini ebizwa ngegama lami ukuba bayingcolise.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 “ ‘Ngokuba abantwana bakwaJuda benzile okubi emehlweni ami, usho uJehova; bazibekile izinengiso zabo endlini ebizwe ngegama lami zokuba bayingcolise.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

30 “ ‘Abantu bakwaJuda benzile okubi phambi kwami,’ kusho uSimakade. ‘Babeke izinto zabo ezinengisayo endlini ebizwa ngeGama lami ukuba bayingcolise.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 7:30
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azichithile; wamisela uBali ama-altare, wenza u-Ashera, njengalokho enzile u-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli; lonke ibandla lezulu lakhuleka, lazikhonza.


Wakha ama-altare endlini kaJehova, uJehova asho ngayo ukuthi: “EJerusalema ngiyakumisa igama lami.”


Wasemisa isithombe esibaziweyo sesihlahla awenzileyo endlini iNkosi eyakhuluma ngayo kuDavida lakuSolomoni indodana yakhe ukuthi: Kulindlu leJerusalema engiyikhethileyo ezizweni zonke zakoIsrayeli ngizalikhetha. Misa igama lami kuze kube phakade:


Ama-altare ayephezu kwekamelo eliphezulu lika-Ahazi abewenzile amakhosi akwaJuda, nama-altare uManase abewenzile emagcekeni omabili endlu kaJehova, inkosi yawadiliza, yawaphula. Basuka lapho baphonsa uthuli lwabo emfudlaneni iKidroni.


Wasusa onkulunkulu babezizwe nesithombe endlini kaJehova nawo wonke ama-altare ayewakhile entabeni yendlu kaJehova naseJerusalema, wakukhiphela ngaphandle komuzi.


Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise ayezidilizile, wamisela oBhali ama-altare, wenza nemithi, wakhuleka, walikhonza ibandla lonke lasezulwini.


Wasemisa isithombe esibaziweyo, isithombe abenzileyo, endlini kaNkulunkulu, uNkulunkulu akhuluma ngayo kuDavida lendodana yakhe uSolomoni, wathi: Kulindlu leJerusalema engilikhethileyo phezu kwezizwe zonke zakoIsrayeli, ngiyakumisa igama lami kuze kube phakade;


Futhi ngiyokhetha iziphambeko zabo ngehlisele phezu kwabo usizi lwabo; ngokuba lapho ngibiza, akwaphendula muntu; lapho ngikhuluma, abalalelanga, kodwa benza okubi emehlweni ami, bakhetha lokho engingathokozi ngakho.


Ngiyakubuyisela kabili ububi babo nesono sabo kuqala; ngoba balingcolisile izwe lami, bagcwalise ifa lami ngezidumbu zezinengiso zabo nezinengiso zabo.


Ngokuba umprofethi nompristi bangcolile; yebo, endlini yami ngifumene ububi babo, usho uJehova.


Kodwa bamisa izinengiso zabo endlini ebizwa ngebizo lami, ukuze bayingcolise.


Bakha izindawo eziphakemeyo zikaBali ezisesigodini sendodana kaHinomu ukuba badabulise amadodana abo namadodakazi abo emlilweni ngenxa kaMoloki; engingabayalanga, nokungangenanga enhliziyweni yami ukuthi bayakwenza lesi sinengiso ukuba benze uJuda one.


Ubuhle bemvunulo yakhe wabubeka ngobukhosi; kepha benza ngazo izithombe zabo ezinengekayo nezinengiso zabo; ngakho ngayibeka khatshana labo.


Welula okunjengesandla, wangibamba ngesihluthu sekhanda lami; uMoya wangiphakamisa phakathi komhlaba nezulu, wangiyisa phambi kukaNkulunkulu eJerusalema, ekungeneni kwesango elingaphakathi elibheke enyakatho; sasikuphi isihlalo sesithombe somona, esizala umona.


Futhi izikhali ziyokuma eceleni kwakhe, futhi ziyongcolisa indlu engcwele yamandla, futhi zisuse umhlatshelo wezinsuku zonke, futhi ziyomisa isinengiso esenza incithakalo.


Futhi iyoqinisa isivumelwano nabaningi isonto elilodwa; futhi phakathi nesonto uyokwenza ukuba umhlatshelo nomnikelo wempuphu kuphele, futhi ngenxa yokwanda kwezinengiso uyokwenza kube ihlane kuze kube sekugcineni futhi uyothululwa phezu koyedwa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka