Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJeremiya 49:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ukwesabeka kwakho kukhohlisile, nokuzidla kwenhliziyo yakho, wena ohlala emifantwini yedwala, obambe indawo ephakemeyo yentaba; noma wakha isidleke sakho njengokhozi, ngiyakukwehlisa khona, usho uJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ukwesabeka kwakho kukudukisile, ukuziqhenya kwenhliziyo yakho, wena ohlezi emifantwini yamawa ubambe isiqongo sentaba; noma wakha isidleke sakho njengokhozi, ngiyakukwehlisa khona,” usho uJehova.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

16 Ukwesabeka kwakho nokuziqhenya kwenhliziyo yakho kukudukisile, wena ohleli emifantwini yamadwala, esicongweni segquma. Noma isidleke sakho ungasakha phezulu njengokhozi; ngiyakwehlisa khona lapho,” kusho uSimakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJeremiya 49:16
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wabulala abakwa-Edomi abayizinkulungwane eziyishumi esiGodini Sikasawoti, wathumba iSela empini, walibiza ngokuthi iJokiteyeli kuze kube namuhla.


Ukhozi luyakhuphuka ngokulaya kwakho, lwakhe isidleke salo phezulu, na?


Ukuzidla kwandulela ukubhujiswa, nomoya ozidlayo wandulela ukuwa.


Ukufa nokuphila kusemandleni olimi, nabaluthandayo bayakudla isithelo salo.


Ukuzigqaja komuntu kuyamthobisa, kepha othobekileyo onomoya uyahlonishwa.


Juba lami elisemifantwini yedwala, ekusithekeni kwezitebhisi, mangibone ubuso bakho, ngizwe ilizwi lakho; ngokuba limnandi izwi lakho, nobuso bakho buhle.


Isandla sami sathola ingcebo yabantu njengesidleke, nanjengokubutha amaqanda asele, ngabutha umhlaba wonke; futhi kwakungekho noyedwa owanyakazisa iphiko noma ovula umlomo noma olunguza.


ukuze kungene emifantwini yamadwala naseziqongweni zamadwala adilikileyo ngenxa yokwesaba uJehova nangenxa yenkazimulo yobukhosi bakhe, lapho esukuma ukuba anyakazise umhlaba.


Kodwa isho kanje iNkosi, ithi: Ngisho nabathunjwa babanamandla bayothathwa, futhi impango yowesabekayo iyosindiswa;


Nisho kanjani ukuthi: “Singamadoda anamandla nanamandla empi na?


Ngokuba bheka, ngiyakukwenza ube mncane phakathi kwezizwe nodelelekile phakathi kwabantu.


Bizani abacibishelayo bemelene neBabele, bonke abansala umnsalo balikanise nxazonke; ungaphunyuki lutho; mvuze ngokomsebenzi wakhe; yenzani kuyo njengoba nje lenzile, ngoba yazidla phambi kukaJehova, koNgcwele ka-Israyeli.


Noma iBabele likhuphukela ezulwini, noma liqinisa indawo ephakeme yamandla alo, nokho abachithi balo bayakufika phezu kwalo bevela kimi,” usho uJehova.


Noma bemba endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubathatha; noma bekhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona.


Wo kuye ofisela indlu yakhe inzuzo embi, ukuze abeke isidleke sakhe phezulu, akhululwe emandleni omubi!


Ngamzonda u-Esawu, ngachitha izintaba zakhe nefa lakhe kwaba yizimpungushe zasogwadule.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka