Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UHezekeli 26:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, nginakho ngawe, Tire; ngiyakwenza izizwe eziningi zikuvukele njengolwandle luphakamisa amaza alo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiphezu kwakho, Tire; ngiyakwenyusela kuwe izizwe eziningi njengolwandle lukhuphula amaza alo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngiphezu kwakho Thire; ngiyakwenyusela kuwe izizwe eziningi njengolwandle lugubha amagagasi, zimelane nawe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UHezekeli 26:3
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngoba uyalaya futhi aphakamise isivunguvungu esivusa amagagasi awo.


Futhi ngalolo suku bayobhonga ngokumelene nabo njengokuhlokoma kolwandle; uma umuntu ebuka izwe, bheka, kukhona ubumnyama nosizi, nokukhanya kube mnyama emazulwini awo.


“Bheka, nginakho ngawe wena ohlala esigodini nasedwaleni lasethafeni,” usho uJehova; othi: Ngubani ozakusamela? Ngubani oyakungena ezindlini zethu na?


nawo onke amakhosi aseTire, nawo onke amakhosi aseSidoni, namakhosi aseziqhingini ezingaphesheya kolwandle,


Bheka, nginakho ngawe, wena ozidlayo, isho iNkosi uJehova Sebawoti; ngoba usuku lwakho selufikile, isikhathi sokukuhambela kwami.


Bayobamba umnsalo nejula; banonya futhi ngeke babonise umusa; izwi labo liyohlokoma njengolwandle, futhi bayogibela amahhashi, yilowo nalowo ebhince izikhali njengendoda yokulwa, ngokumelene nawe, ndodakazi yaseBhabhiloni.


Ulwandle lunyukile phezu kweBabiloni, lisitshekelwe ngamaza alo amaningi.


Bayakuthatha umnsalo nomkhonto; banonya futhi abanasihe; izwi labo liduma njengolwandle; bagibele amahhashi, behlomele njengamadoda okulwa nawe, ndodakazi yaseSiyoni.


Yisho ezweni lakwa-Israyeli, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi; Bheka, ngimelene nawe; ngiyakuhosha inkemba yami emgodleni wayo, nginqume abalungileyo nababi kuwe.


Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Uma ngikwenza ube umuzi oyincithakalo njengemizi engahlalwa muntu; lapho ngiyokwenza uzamcolo ukhuphuke phezu kwakho futhi amanzi amaningi akusibekele;


Izigwedlo zakho zakungenisa emanzini amakhulu; umoya wasempumalanga wakuphula phakathi kolwandle.


uthi: Itsho njalo iNkosi uJehova; Bheka, nginobuso bakho nawe, Sidoni; ngiyakudunyiswa phakathi kwakho, bazi ukuthi nginguJehova, lapho ngenze isijeziso sakhe, ngingcweliswe kulo.


Ngakho-ke bheka, ngimelene nawe nemifula yakho, futhi ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yincithakalo nehlane, kusukela embhoshongweni waseSiena kuze kube semngceleni waseKushe.


Uthi: ‘Usho kanje uJehova; Bheka, nginakho ngawe Gogi, sikhulu sakwaMeshegi noThubali;


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, nami ngimelene nawe; ngiyakwenza izahlulelo phakathi kwakho phambi kwamehlo ezizwe.


Manje futhi izizwe eziningi zikubuthanele ezithi: Malingcoliswe, amehlo ethu mawabe seSiyoni.


Ingonyama idwengule izicucu okwanele amawundlu ayo, iklimele izingonyamakazi zayo, igcwalise imigodi yayo ngempango, nemihume yayo ngemifantu.


Bhekani, nginombano ngani, usho uJehova Sebawoti; ngiyakwembula ubucwebe bakho ebusweni bakho, ngibonise amahloni akho ezizweni nasemibusweni ihlazo lakho.


Ngiyakubutha zonke izizwe ukuba zilwe neJerusalema; umuzi uyothathwa, izindlu ziphangwe, nabesifazane bahlazeke; ingxenye yomuzi iyakuthunjwa, insali yabantu ayiyikunqunywa emzini.


Bhekani, uJehova uyakulixosha, lishaye amandla alo olwandle; uyakuqedwa ngomlilo.


Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini; nasemhlabeni usizi lwezizwe, zididekile; kuhlokoma ulwandle namagagasi;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka