Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UGenesise 34:27 - Contemporary Zulu Bible 2024

27 Amadodana kaJakobe afika phezu kwababuleweyo, awuphanga umuzi, ngokuba babengcolisile udadewabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Amadodana kaJakobe ayesefica ababuleweyo, aphanga umuzi, ngokuba babengcolisile udadewabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

27 Afika namanye amadodana kaJakobe afica izidumbu, ayesewuphanga umuzi, ngokuba wayengcoliselwe lapho udadewabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UGenesise 34:27
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UShekemi indodana kaHamori umHivi, umbusi wezwe, wambona, wamthatha, walala naye, wangcolisa.


Babulala oHamori noShekemi indodana yakhe ngosiko lwenkemba, bamkhipha uDina endlini kaShekemi, baphuma.


Athatha izimvu zabo, nezinkomo zabo, nezimbongolo zabo, nalokho okwakusemzini, nalokho okwakusendle,


Bathi: “Iyakumphatha udadewethu njengesifebe na?”


Amadodana ayishumi kaHamani indodana kaHamedatha, isitha sabaJuda, ababulala; kepha abazibekanga izandla zabo empangweni.


Kodwa abanye abaJuda ababesezifundeni zenkosi babuthana, bamela ukuphila kwabo, baphumula ezitheni zabo, babulala ezitheni zabo eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nanhlanu, kepha ababambanga izandla zabo empangweni.


Wathi: “Ubekwe ngubani umbusi nomahluleli phezu kwethu na?” ubuhlose ukungibulala mina njengalokho ubulele umGibithe na? UMose wayesesaba, wathi: “Impela le ndaba yaziwa.”


Ukuze bangathathi izinkuni endle, bagawule ezihlahleni; ngoba bayoshisa izikhali ngomlilo; futhi bayophanga labo ababebaphanga, nalabo ababaphangayo, isho iNkosi uJehova.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Kuyakuba khona isitha ezweni nxazonke; uyakuhlwitha amandla akho kuwe, nezigodlo zakho ziphangwe.


Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi, okuthe abanye ngokuyifisa baduka ekukholweni, bazigwaza ngeminjunju eminingi.


Kepha abantwana bakwa-Israyeli benza isiphambeko engcebweni; ngoba u-Akani indodana kaKarmi kaSabidi indodana kaSeraki wesizwe sakwaJuda wathatha empangweni, intukuthelo kaJehova yabavuthela abantwana bakwa-Israyeli.


Vuka, ungcwelise abantu, uthi: ‘Zingcweliseleni ikusasa, ngokuba usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Kukhona okuqalekisiweyo phakathi kwakho, Israyeli; awukwazi ukuma phambi kwezitha zakho uze ususe. Oqalekisiweyo phakathi kwenu.


Lapho ngabona empangweni ingubo enhle yaseBhabhiloni namashekeli angamakhulu amabili esiliva nesiphetho segolide esinesisindo esingamashekeli angamashumi amahlanu, ngakufisa, ngathatha; bheka, kuthukusiwe emhlabathini phakathi kwetende lami, nesiliva liphansi kwakho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka