Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 17:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 INkosi yasisithi kuMozisi: Kubhale egwalweni kube yisikhumbuzo, ukuphindaphinde endlebeni zikaJoshuwa, ngoba ngizacima ngokupheleleyo isikhumbuzo sikaAmaleki ngaphansi kwezulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 UJehova wathi kuMose: “Kulobe lokhu kube yisikhumbuzo encwadini, ukubeke ezindlebeni zikaJoshuwa ukuthi ngizakuqothula ukukhunjulwa kuka-Amaleki phansi kwezulu.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

14 USimakade wathi kuMose: “Kulobe lokhu encwadini kube yisikhumbuzo, ukutshele uJoshuwa ngokuba ngizowabhubhisa aphele nya ama-Amaleki phansi kwezulu, angabe esakhunjulwa nhlobo.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 17:14
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi emva kokufa kukaSawule, uDavide ebuyile ekubulaleni ama-Amaleki, uDavide wahlala izinsuku ezimbili eZikilagi;


kwa-Aramu, nakuMowabi, nakubantwana bakwa-Amoni, nakumaFilisti, naku-Amaleki, nasempangweni kaHadadezeri, indodana kaRehobe, inkosi yaseSoba.


Abanye kubo, emadodaneni kaSimeyoni, amadoda angamakhulu ayisihlanu, baya entabeni yaseSeyiri, benoPhelathiya, noNeyariya, noRefaya, no-Uziyeli, amadodana ka-Ishi, izinhloko.


Bachitha insali yama-Amaleki akhululiweyo, bahlala khona kuze kube namuhla.


Sibuye sephule imiyalo yakho, sizihlanganise nabantu balezi zinengiso na? ubungeke yini usithukuthelele uze usiqede, kungabikho nsali nophunyukayo na?


Inkumbulo yakhe iyoshabalala emhlabeni, futhi ngeke abe negama ezitaladini.


O, ingabe amazwi ami asebhaliwe manje! Sengathi zinganyatheliswa encwadini!


Wena sitha, incithakalo iphelile kuze kube nininini, uchithe imizi eyincithakalo; isikhumbuzo sabo sabhubha kanye nabo.


Lolu suku luyakuba yisikhumbuzo kini; futhi kumelwe niligubhele uJehova ezizukulwaneni zenu; uyakuwugcina kuze kube phakade njengesimiso.


Kuyakuba kuwe luphawu esandleni sakho nesikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ukuze umthetho kaJehova ube semlonyeni wakho; ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wakukhipha eGibithe.


UJoshuwa wasanganisa u-Amaleki nabantu bakhe ngobukhali benkemba.


UMose waloba phansi onke amazwi kaJehova, waqeda ekuseni kakhulu, wakha i-altare phansi kwentaba nezinsika eziyishumi nambili ngokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.


INkosi yasisithi kuMozisi: Wonke owonayo kimi, ngizamesula encwadini yami.


INkosi yasisithi kuMozisi: Zibhalele lawa amazwi, ngoba njengokutsho kwalamazwi ngenze isivumelwano lawe kanye loIsrayeli.


Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisiwe, kodwa ibizo lababi lizabola.


Usho kanje uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Zilobele encwadini onke amazwi engiwakhulume kuwe.


Zithathele umqulu, ulobe kuwo wonke amazwi engawakhuluma kuwe ngo-Israyeli, ngoJuda, nangokumelene nazo zonke izizwe, kusukela osukwini engakhuluma ngalo kuwe, kusukela ezinsukwini zikaJosiya kuze kube manje usuku.


Futhi lapho ebona u-Amaleki, waphakamisa isimo sakhe futhi wathi: U-Amaleki wayengowokuqala wezizwe; kodwa ukuphela kwakhe kuyakuba ngukubhubha kwakhe kuze kube phakade.


UMose waloba ukuphuma kwabo njengezinyathelo zabo njengesiyalezo sikaJehova; lezi ziyizinkambo zabo ngohambo lwabo.


UMose wawuloba lo mthetho, wawunika abapristi, amadodana kaLevi, ababethwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, nawo wonke amalunga akwa-Israyeli.


Niyakuthi kubo: Amanzi aseJordani anqamukile phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova; ekuweleni kwayo iJordani, amanzi aseJordani anqamuka, lawa matshe abe yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade.


UJehova wakuthuma endleleni, wathi: ‘Hamba ulethe izoni, ama-Amaleki, ngesiqalekiso, ulwe nawo aze aphele.


Kwathi uDavida labantu bakhe befika eZikilagi ngosuku lwesithathu, ama-Amaleki ahlasela eningizimu leZikilagi, anqoba iZikilagi, ayitshisa ngomlilo;


UDavide wababulala kusukela kusihlwa kwaze kwaba kusihlwa ngangomuso, akwaphunyuka muntu kubo, kuphela izinsizwa ezingamakhulu amane ezazigibele amakamela, zabaleka.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka