Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 16:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

20 Kepha abamlalelanga uMose; kepha enye yasala kukho kwaze kwasa, yazala izimpethu, yanuka; uMose wabathukuthelela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Kodwa abamlalelanga uMose; abanye kubo bashiya okunye kwaze kwasa, kwazala izimpethu, kwanuka, uMose waze wabathukuthelela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

20 Abantu nokho abamlalelanga uMose, abanye bashiya ingxenye kwaze kwaba sekuseni, yabola yaphethuka izimpethu, yanuka. UMose wabathukuthelela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 16:20
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wayesethi uMose: “Makungasali muntu kukho kuze kuse.”


Bakubutha ekuseni njalo, kwaba yilowo nalowo njengokudla kwakhe; kwathi ilanga selifudumala, yancibilika.


Bakubeka kwaze kwasa, njengalokho ebeyalile uMose; akunukanga, akwabakho zimpethu kukho.


(Umuntu uMose wayemnene kakhulu kunabo bonke abantu ababesemhlabeni.)


UMose wathukuthela kakhulu, wathi kuJehova: “Ungawunaki umhlatshelo wabo;


Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho inundu nokugqwala konakalisa khona, nalapho amasela efohla khona, ebe;


Kodwa uJesu ekubona wathukuthela, wathi kubo: Vumelani abantwana abancane beze kimi, lingabenqabeli, ngoba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.


Wabaqalaza ngokuthukuthela, edabukile ngobulukhuni benhliziyo yabo, wathi kumuntu: Yelula isandla sakho. Waseselula; saphiliswa isandla sakhe saba njengesinye.


Wathi kubo: Qaphelani, nixwaye ukuhaha, ngokuba ukuphila komuntu akumi echichimeni lempahla yakhe.


Thengisani ngempahla yenu, niphe izipho; zilungiseleni izikhwama ezingagugiyo, ingcebo engapheli ezulwini, lapho kungasondeli sela, kungoni nundu.


Thukuthelani, ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.


Inkulumo yenu mayingabi-kuhaha; yaneliswani ngalokho eninakho, ngokuba ushilo ukuthi: ‘Angisoze ngakushiya, angisoze ngakushiya.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka