Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UEksodusi 15:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 Uzakubangenisa, ubatshale entabeni yelifa lakho, endaweni oyenzele ukuthi uhlale kuyo, Nkosi, endaweni engcwele, Nkosi, ezayimisayo izandla zakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Uzakubangenisa, ubatshale entabeni yefa lakho, indawo ozenzele yona, Jehova, ukuba uhlale kuyo, indlu engcwele, Nkosi, eziyimisile izandla zakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

17 Uyakubabuyisa ubatshale entabeni eyifa lakho, indawo Wena Simakade ozenzele yona ukuba uhlale kuyo, indawo engcwele Simakade, emiswe yizandla zakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UEksodusi 15:17
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngizabamisela indawo abantu bami u-Israyeli, ngibatshale, ukuze bahlale endaweni yabo, bangabe besaxega; abantwana bobubi abasayikubacindezela njengakuqala;


Ngikwakhele nokukwakhela indlu yokuhlala, indawo yokuhlala yakho kuze kube phakade.


UJuda waba yindlu yakhe engcwele, u-Israyeli waba umbuso wakhe.


Nokho ngibeke inkosi yami entabeni yami engcwele iZiyoni.


Wazixosha kanjani izizwe ngesandla sakho, wazitshala; Wacindezela, wabaxosha kanjani abantu.


Nigxumelani nina zintaba eziphakemeyo? iyigquma uNkulunkulu afuna ukuhlala kulo; yebo, uJehova uyakuhlala kulo kuze kube phakade.


Futhi liseSalema itabernakele lakhe nendawo yakhe yokuhlala iseSiyoni.


nesivini owasihlanyela esokunene sakho, negatsha owaziqinisela lona.


Wakhipha umvini eGibithe, waxosha izizwe, wawutshala.


Ubaqondisile ngomusa wakho abantu obahlengileyo; Wabahola ngamandla akho wabayisa endaweni yakho engcwele.


Bheka, ngiyathuma ingelosi phambi kwakho ukuba ikugcine endleleni, ikuyise endaweni engiyilungisileyo.


Bangenzele indlu engcwele; ukuze ngihlale phakathi kwabo.


Hamba manje, uhole abantu, ubayise endaweni engakhuluma ngayo kuwe; bheka, iNgelosi yami ihamba phambi kwakho; kepha mhla ngibahambela, ngiyakubahambela ngesono sabo.


Kodwa mina ngikutshale umvini omuhle, wonke uyimbewu yeqiniso; pho, ungiphendule kanjani ngibe yisithombo esibolile somvini wezizweni na?


Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Nokho, leli zwi bayakulisebenzisa ezweni lakwaJuda nasemizini yalo, lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabo; UJehova makakubusise, wena khaya lokulunga nentaba yobungcwele.


Yebo, ngiyakuthokoza ngabo ukuba ngibenzele okuhle, ngibatshale nokutshala kuleli zwe ngayo yonke inhliziyo yami nangawo wonke umphefumulo wami.


Ngiyakwenza isivumelwano sokuthula nabo; kuyakuba yisivumelwano esiphakade nabo; ngiyakubabeka, ngibandise, ngibeke indlu yami engcwele phakathi kwabo kuze kube phakade.


Izizwe ziyakwazi ukuthi mina Jehova ngingcwelisa u-Israyeli, lapho indlu yami engcwele iphakathi kwabo kuze kube phakade.


Bayobizela abantu entabeni; lapho bayakunikela ngemihlatshelo yokulunga, ngokuba bayoncela inala yolwandle nengcebo efihlwe esihlabathini.


Kodwa uma izwe lefa lenu lingcolile, dlulelani niye ezweni lefa likaJehova, lapho itabernakele likaJehova lihlala kulo, nidle ifa phakathi kwethu; kepha ungahlubuki kuJehova, ungasihlubuki, wazakhele i-altare ngase-altare likaJehova uNkulunkulu wethu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka