Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Johane 5:37 - Contemporary Zulu Bible 2024

37 Naye uBaba ongithumileyo ufakazile ngami. Anikaze nilizwe izwi lakhe, anisibonanga isimo sakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

37 NoBaba ongithumileyo ufakazile ngami. Anizange nizwe izwi lakhe, anisibonanga isimo sakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

37 naye uBaba ongithumileyo uyifakazile ngami. Nina anikaze nilizwe iphimbo lakhe noma nibone isiqu sakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

37 Naye uBaba ongithumileyo ufakazile ngami. Anikaze nilizwe izwi lakhe, anisibonanga isimo sakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Johane 5:37
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Basebesithi kuMozisi: Khuluma wena kithi, sizakuzwa; kepha uNkulunkulu makangakhulumi kithi, funa sife.


Makube umusa komubi, kepha akayikufunda ukulunga; ezweni lobuqotho uyakwenza okubi, angabuboni ubukhosi bukaJehova.


Esakhuluma, bheka, ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.


Bheka, kwavela izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.


Kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo.


Eqala kuMose nakubaprofethi bonke, wabachasisela emibhalweni okuqondene naye.


UMoya oNgcwele enesimo somzimba njengejuba wehlela phezu kwakhe, kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngiyathokoza ngawe.


Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.


UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka nginani, awukangazi, Filiphu na? ongibonile mina umbonile uBaba; usho kanjani-ke ukuthi: Sibonise uYihlo na?


Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga muntu, ngabe bebengenasono;


Ukhona omunye ofakaza ngami; ngiyazi ukuthi ubufakazi afakaza ngami buqinisile.


Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kodwa ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyonipha khona iNdodana yomuntu;


Mina ngingozifakazelayo, noBaba ongithumileyo uyafakaza ngami.


UJehova wakhuluma kini ephakathi komlilo; nezwa izwi lamazwi, kepha anibonanga mfanekiso; wena wezwa izwi kuphela.


Kuyo iNkosi yaphakade, engabhubhiyo, engabonakali, uNkulunkulu yedwa, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.


Onguye yedwa onokungabhubhi, ehlezi ekukhanyeni okungenakusondela kukho; okungekho muntu owake wambona, nongakwazi ukumbona: makube kuye udumo namandla aphakade. Amen.


Akakho oke wabona uNkulunkulu. Uma sithandana, uNkulunkulu uhlala kithi, nothando lwakhe luphelelisiwe kithi.


Uma umuntu ethi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kepha ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga;


Uma samukela ubufakazi babantu, ubufakazi bukaNkulunkulu bukhulu, ngokuba ubufakazi bukaNkulunkulu buyilobu abufakazile ngeNdodana yakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka