Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




IzEnzo 28:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ngakho ngenxa yalokhu nginibizele ukulibona, ngikhulume lani, ngoba ngenxa yethemba likaIsrayeli ngibotshiwe ngamaketane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Ngakho ngaleso sizathu nginibizele lapha ukuba nginibone, ngikhulume nani; ngokuba ngenxa yethemba lika-Israyeli ngiboshiwe ngaleli ketanga.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

20 Ngakho-ke ngenxa yaleso sizathu, nginibizele lapha ukuba nginibone, ngikhulume nani, ngokuba kungenxa yethemba lika-Israyeli ngiboshiwe ngaleli ketanga.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Ngakho ngenxa yalokhu nginibizele ukulibona, ngikhulume lani, ngoba ngenxa yethemba likaIsrayeli ngibotshiwe ngamaketane.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzEnzo 28:20
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, uNebuzaradani induna yemilindankosi emlethile eRama, lapho esemthathile eboshwe ngamaketanga phakathi kwabo bonke ababethunjwe eJerusalema nakwaJuda, ababethunjiwe kude ekuthunjweni eBhabhiloni.


Ngakho-ke ngizile kini ngingaphikanga lapho ngibiziwe; ngiyabuza-ke ukuthi ningibizeleni na?


Ngakho ngithumela masinyane kuwe; futhi wenze kahle ukuthi uze. Manje-ke sikhona sonke phambi kukaNkulunkulu ukuba sizwe konke okuyalelwe nguNkulunkulu.


Induna yenkulungwane yayisisondela, yambamba, yayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili; wabuza ukuthi ungubani nokuthi wenzeni.


Kodwa uPawuli esekwazi ukuthi enye ingxenye ingabaSadusi lelinye ingabaFarisi, wamemeza emphakathini wathi: Madoda, bazalwane, mina ngingumFarisi, indodana yomFarisi; umbuzo.


nginethemba kuNkulunkulu, abalibekayo nabo uqobo, lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungileyo nabangalungile.


UPawuli wasesithi: Ngithanda kuNkulunkulu ukuthi, kungabi nguwe wedwa, kodwa labo bonke abangizwayo lamuhla, kokubili ngokuseduze, nangokuphelele, babe njengami, ngaphandle kwalezizibopho.


Kwathi emva kwezinsuku ezintathu uPawuli wabizela ndawonye izikhulu zabaJuda; nokho nganikelwa eJerusalema ngiyisiboshwa ezandleni zamaRoma.


Ngenxa yalokhu mina Pawulu, isiboshwa sikaKristu Jesu ngenxa yenu bezizwe,


Ngakho-ke mina, siboshwa seNkosi, ngiyanincenga ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho;


engiyinxusa lazo eziboshweni, ukuze ngikhulume ngesibindi kulo, njengokuba ngifanele ukukhuluma.


Ngakho-ke izibopho zami kuKristu zabonakala esigodlweni sonke lakuzo zonke ezinye indawo;


Isibingelelo ngesandla sami mina Pawulu. Khumbulani izibopho zami. Umusa mawube nani. Amen. (Yabhalwa uThikhiku no-Onesimu isuka eRoma yaya kwabaseKolose.)


Kodwa khathesi sibonakalisiwe ngokubonakala koMsindisi wethu uJesu Kristu, osechithile ukufa, waseveza ekukhanyeni ukuphila lokungabhubhi ngevangeli;


engihlupheka ngakho kuze kube sekuboshweni njengomenzi wokubi; kepha izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.


Ngiyakuncenga ngendodana yami u-Onesimu, engiyizele ngiboshiwe;


ebengingathanda ukumbamba mina, ukuze esikhundleni sakho angisebenzele ezibopho zevangeli;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka