Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




IzAga 9:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ungamkhuzi umdeleli, funa akuzonde; khuza ohlakaniphileyo, uyakukuthanda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ungathethisi isideleli, funa sikuzonde; thethisa isihlakaniphi, siyakukuthanda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 Ungasithethisi isedeleli, funa sikuzonde; sola ohlakaniphileyo, uyakukuthanda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzAga 9:8
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bayitshela inkosi, bathi: “Nangu uNathani umprofethi.” Lapho engena phambi kwenkosi, wakhothama phambi kwenkosi ubuso bakhe bubheke phansi.


Inkosi uDavide yathi: “Ngibizeleni uZadoki umpristi noNathani umprofethi noBenaya indodana kaJehoyada. Basebesiza phambi kwenkosi.


Inkosi yakwa-Israyeli yathi kuJehoshafati: “Kusenendoda eyodwa, uMika, indodana kaJimila, esingabuza ngayo kuJehova; kodwa ngiyamzonda; ngoba akaprofethi okuhle ngami, kodwa okubi. UJehoshafati wathi: “Mayingasho njalo inkosi.


Olungileyo makangishaye; kuyakuba umusa, angithethise; kuyakuba ngamafutha amahle kakhulu;


Umuntu ohlakaniphileyo uyakuzwa, afunde okwengeziwe; nomuntu ohlakaniphileyo uyakufika esilulekweni esihlakaniphileyo.


Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakwamukela imiyalo, kepha isiwula esitshiyozayo siyakuwa.


Indodana ehlakaniphileyo ilalela ukulaya kukayise, kepha isideleli asikuzwa ukusolwa.


Ubumpofu nehlazo kowenqaba ukulaywa, kepha ohlonipha ukusolwa uyakudunyiswa.


Isideleli asithandi noma ubani omlayayo, futhi akayi kwabahlakaniphileyo.


Shaya isideleli, abangenalwazi bayakuqaphela; ukhuze ohlakaniphileyo, uyakuqonda ukwazi.


Thenga iqiniso, ungalithengisi; nokuhlakanipha nesiyalo nokuqondisisa.


Ungakhulumi ezindlebeni zesiwula, ngokuba siyakudelela ukuhlakanipha kwamazwi akho.


Okhuza umuntu kamuva uyakufumana umusa kunomuntu othophayo ngolimi.


Ovame ukwenza lukhuni intamo yakhe ngokusolwa uyachithwa ngokuzumayo, kungabikho ukuphulukiswa.


Kepha bathula, abamphendulanga ngazwi, ngokuba umyalo wenkosi wawuthi: Ningamphenduli.


Ungamzondi umfowenu enhliziyweni yakho; womkhuza noma kanjani umakhelwane wakho, ungathwali sono kuye.


Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe. Uma impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili.


Ninganiki izinja okungcwele, ningaphonsi amaparele enu phambi kwezingulube, funa ziwanyathele ngezinyawo zazo, ziphenduke, ziniklebhule.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka