Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




IzAga 15:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Isiwula siyadelela ukulaya kukayise, kodwa oqaphela ukusolwa uhlakaniphile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Isiwula siyadelela ukulaya kukayise, kepha onaka ukusolwa uyathola ukuqonda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Isiwula siyakwedelela ukuyala kukayise, kepha onaka ukusolwa uhlakaniphile.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IzAga 15:5
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UDavide wayesethi kuSolomoni indodana yakhe: “Qina, ume isibindi, ukwenze; ungesabi, ungapheli amandla, ngokuba uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu wami, unawe; akayikukuyeka, akushiye, uze uqede wonke umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova.


Wena-ke, ndodana yami, Solomoni, yazi wena uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo langengqondo evumayo; ngokuba uJehova uhlola zonke izinhliziyo, uqonda yonke imicabango yemicabango; uma nimfuna, niyotholwa; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube phakade.


Olungileyo makangishaye; kuyakuba umusa, angithethise; kuyakuba ngamafutha amahle kakhulu;


Phendukelani ekukhuzeni kwami; khangelani, ngizathululela uMoya wami phezu kwenu, ngizakwazisa amazwi ami kini.


Ukumesaba uJehova kungukuqala kolwazi, kepha iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.


Izaga zikaSolomoni. Indodana ehlakaniphileyo ijabulisa uyise, kepha indodana eyisiwula ingumthwalo kanina.


Indodana ehlakaniphileyo ilalela ukulaya kukayise, kepha isideleli asikuzwa ukusolwa.


Ubumpofu nehlazo kowenqaba ukulaywa, kepha ohlonipha ukusolwa uyakudunyiswa.


Ulimi olunempilo lungumuthi wokuphila, kepha ukuphamba kwalo kungukuphuka komoya.


Endlini yolungileyo kukhona ingcebo eningi, kepha enzuzweni yababi kukhona ukuhlupheka.


Lalela iseluleko wamukele ukulaywa, ukuze uhlakaniphe ekugcineni.


Njengecici legolide nomhlobiso wegolide elicwengekileyo, kunjalo ukusola okuhlakaniphileyo endlebeni elalelayo.


Ngokuba umyalo uyisibani; futhi umthetho ungukukhanya; nokusola kokufundisa kuyindlela yokuphila;


Lobu bufakazi buqinisile. Ngakho-ke ubakhuze kabukhali, ukuze baphile ekukholweni;


Khuluma lezizinto, uyale, ukhuze ngawo wonke amandla. Makungabikho muntu okudelelayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka