Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 62:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Bacebisana kuphela ukuze bamlahle ekuphakameni kwakhe; bajabulela amanga; bayabusisa ngomlomo wabo, kepha ezibilinini zabo bayathuka. Sela.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Yebo, bathunga icebo lokumwisa ekuphakameni kwakhe, bathanda amanga; bayabusisa ngomlomo wabo, kepha ezibilinini zabo bayaqalekisa. Sela*

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Baceba ukuwisa umuntu oqavileyo. Bathokozela amanga, bayabusisa ngemilomo yabo, kodwa ngengaphakathi, bayaqalekisa. Sela

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 62:4
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amanga ngiyawazonda, ngiyawenyanya, kepha umthetho wakho ngiyawuthanda.


Ungangimukisi kanye nababi nabenza okubi, abakhuluma ukuthula kwabakhelwane babo, kepha kukhona okubi ezinhliziyweni zabo.


Ngokuba akukho ukuthembeka emlonyeni wabo; ingaphakathi labo libi kakhulu; umphimbo wabo uyingcwaba elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo.


Bheka, wena ufisa iqiniso ngaphakathi, futhi ekusithekeni uyofunda ukuhlakanipha kwami.


Uthanda okubi kunokuhle; futhi aqambe amanga kunokuba akhulume ubulungisa. Sela.


Amazwi omlomo wakhe abushelelezi kunebhotela, kepha inhliziyo yakhe yayilwa; amazwi akhe ayethambile kunamafutha, nokho ayeyizinkemba ezihoshiwe.


Olungileyo uyawazonda amanga, kepha omubi uyisinengiso, uhlazeka.


Amehlo aziqhenyayo, nolimi lwamanga, nezandla ezichitha igazi elingenacala;


Ngakho-ke lobu bubi kini buyakuba njengembobo esesizowa, ekhukhuleka odongeni oluphakemeyo, olufika ngokuzumayo ukubhodloka kwalo ngokuphazima kweso.


Bajabulisa inkosi ngobubi babo, nezikhulu ngamanga abo.


Khona uHerode, ebona ukuthi uklolodelwe yizazi, wathukuthela kakhulu; isikhathi ayebuzisise ngaso kwabahlakaniphileyo.


Khona abaFarisi basuka benza icebo lokumthiya ekukhulumeni kwakhe.


Ngalolo suku kweza kuye abaSadusi, abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza.


Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu ukuba bambulale;


INkosi yathi kuye: “Manje nina baFarisi nihlambulula ingaphandle lenkezo nojeke; kepha ingaphakathi lakho ligcwele ukuphanga nobubi.


Basebemqaphela, bathuma izinhloli ezizenza abalungileyo ukuze babambe amazwi akhe, ukuze bamnikele emandleni lakulandleni wombusi.


Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wawo.


Abathi besazi ukwahlulela kukaNkulunkulu, ukuthi abenza okunjalo bafanele ukufa, abakwenzi lokho kuphela, kodwa bathokozela abakwenzayo.


Ngokuba ngiyathokoza emthethweni kaNkulunkulu ngokomuntu ongaphakathi;


Ngokuba ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nawabenzayo amanga.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka