Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 31:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Izikhathi zami zisesandleni sakho; ngikhulule esandleni sezitha zami nakubo abangizingelayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Izikhathi zami zisesandleni sakho; ngikhulule esandleni sezitha zami nakwabangizingelayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

15 Izikhathi zami zisesandleni sakho, ngikhulule esandleni sezitha zami nakulabo abangizingelayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 31:15
31 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kuyakuthi lapho izinsuku zakho sezigcwalisekile, usulala koyihlo, ngiyakuvusa inzalo yakho emva kwakho, eyakuphuma ezibilinini zakho, ngiqinise umbuso wayo.


U-Asa wayesephuma ukumhlangabeza, balwa esigodini saseSefatha eMaresha.


Kungani izikhathi zokubona azifihlekile kuSomandla, abamaziyo abaziboni izinsuku zakhe?


Kuyigugu emehlweni kaJehova ukufa kwabangcwele bakhe.


Jehova, mandla ensindiso yami, wasibekela ikhanda lami ngosuku lwempi.


Lalela ukukhala kwami; ngokuba ngithotshisiwe kakhulu; ngikhulule kwabangizingelayo; ngoba banamandla kunami.


Futhi ngomusa wakho kumelwe uqothule izitha zami futhi ubhubhise bonke abacindezela umphefumulo wami, ngoba ngiyinceku yakho.


Ngokuba isitha sizingele umphefumulo wami; Washaya ukuphila kwami phansi; Wangihlalisa ebumnyameni njengabafa kudala.


Jehova, ngikhulule ezitheni zami; ngibalekela Kuwe ukuze ngicashe.


Vuka, Jehova, umdumaze, umwise; sindisa umphefumulo wami kwababi, okuyinkemba yakho.


Nkulunkulu wami, ngithemba wena; ungangivumeli ngibe namahloni, zingangijabuleli izitha zami.


Ngizakuthi ngoJehova: Uyisiphephelo sami lenqaba yami; ngithembele kuye.


Kodwa uma ifu linganyuswanga, babengasuki kwaze kwafika usuku lokwenyuswa kwalo.


Jehova, unguNkulunkulu wami; Ngifuna ukukuphakamisa, ngidumise iGama laKho; ngoba wenze izimangaliso; icebo lakho lasendulo lithembekile leqiniso.


Ngimzwile impela u-Efrayimi ezikhalela kanje; Wangilaya, ngajeziswa njengenkunzi engajwayele ijogwe; ngoba wena unguJehova uNkulunkulu wami.


Kwathi sesifikile isikhathi sokuthi anyuswe, waqinisela ubuso bakhe ukuya eJerusalema.


Kalokhu umphefumulo wami ukhathazekile; futhi ngizothini? Baba, ngisindise kulelihora, kodwa ngenxa yalokhu ngize kuleli hora.


Kwathi ungakafiki umkhosi wePhasika, uJesu esazi ukuthi ihora lakhe selifikile ukuthi amuke kuleli zwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni, wabathanda kwaze kwaba sekupheleni.


UJesu wakhuluma lokho, wayesephakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, isikhathi sesifikile; khazimulisa iNdodana yakho, ukuze iNdodana yakho ikukhazimulise wena;


Base befuna ukumbamba, kepha akubangakho owambeka isandla, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.


Khona uJesu wathi kubo: “Isikhathi sami asikafiki, kepha isikhathi senu sihlezi silungile.


Wathi kubo: “Akusikhona okwenu ukwazi izikhathi nezinkathi uBaba azimise ngamandla akhe.


Ngobusuku obulandelayo iNkosi yema ngakuye, yathi: “Yima isibindi, uPawulu;


Isithi: Ungesabi, Pawuli; umelwe ukumiswa phambi kukaKesari; bheka, uNkulunkulu ukunikile bonke abahamba nawe ngomkhumbi.


Ngokuba mina sengizanikelwa, nesikhathi sokumuka kwami sesifikile.


ngazi ukuthi masinyane ngimele ukulisusa leli dokodo lami, njengalokho iNkosi yethu uJesu Kristu yangibonisa.


UDavide wathi: “Kuphila kukaJehova, uJehova uyakumshaya; ukuthi usuku lwakhe lokufa luyafika yini; noma ehle empini abhubhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka