Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 106:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kodwa wabasindisa ngenxa yebizo lakhe, ukuze abonakalise amandla akhe amakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Nokho wabasindisa ngenxa yegama lakhe, ukuze abonakalise amandla akhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

8 Nokho wabasindisa ngenxa yegama lakhe, ukuze abonakalise amandla akhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 106:8
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wazisa abantu bakhe amandla emisebenzi yakhe, ukuze abanike ifa labezizwe.


Jehova, ngiphilise ngenxa yegama lakho;


Uyawuvuselela umphefumulo wami, uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe.


Isandla sakho sokunene, Nkosi, sikhazimula ngamandla; Isandla sakho sokunene, Nkosi, sachoboza izitha.


UMose wamtshela umukhwe wakhe konke uJehova ayekwenzile kuFaro nabaseGibhithe ngenxa ka-Israyeli, nazo zonke izinhlupheko ezazibehlele endleleni, nokuthi uJehova wayebophule.


Ngakuvusa-ke impela, ukuze ngibonakalise amandla ami kuwe; nokuthi igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.


Ngenxa yegama lami ngiyakukuhlehlisa ukuthukuthela kwami, nangenxa yodumo lwami ngiyakugodla kuwe, funa ngikubhubhise.


Ungasinyanyi ngenxa yegama lakho, ungasijabhisi isihlalo sobukhosi senkazimulo yakho; khumbula, ungaphuli isivumelwano sakho nathi.


O Jehova, noma sifakaza ukungalungi ngathi, kwenze ngenxa yegama lakho; ngokuba izizono zethu ziningi; sonile kuwe.


Kodwa ngakwenza ngenxa yebizo lami, ukuze lingangcoliswa phambi kwabezizwe, engabakhupha phambi kwamehlo abo.


Kodwa ngasibuyisa isandla sami ngenza ngenxa yebizo lami, ukuze lingangcoliswa emehlweni ezizwe engabakhupha phambi kwamehlo azo.


Niyakwazi ukuthi nginguJehova, uma ngenzile kini ngenxa yegama lami, kungengokwezindlela zenu ezimbi nangokwezenzo zenu ezonakeleyo nina ndlu ka-Israyeli, isho iNkosi uJehova.


Kodwa ngakwenza ngenxa yebizo lami, ukuze lingangcoliswa phambi kwezizwe ababephakathi kwazo, engazazisa kubo phambi kwamehlo azo ngokubakhupha elizweni leGibhithe.


Ngokuba umbhalo uthi kuFaro: “Ngakumisela khona lokho ukuba ngibonakalise amandla ami kuwe, nokuba igama lami limenyezelwe emhlabeni wonke.


Ukuze zonke izizwe zomhlaba zisazi isandla sikaJehova ukuthi silamandla, ukuze lesabe uJehova uNkulunkulu wenu kuze kube nininini.


Ngokuba amaKhanani nabo bonke abakhileyo ezweni bayokuzwa basihaqe, banqume igama lethu emhlabeni; futhi uyakwenzani egameni lakho elikhulu?


Ngokuba uJehova akayikubalahla abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu, ngokuba kwaba kuhle kuJehova ukunenza abantu bakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka