Mina nginibhapathiza ngamanzi kukho ukuphenduka; kepha ozayo emva kwami unamandla kunami, engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe;
NgokukaMarku 1:8 - Baasraak Zulu New Testament Bible Mina nginibhapathize ngamanzi, kepha yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Mina nginibhapathize ngamanzi, kepha yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele.” IsiZulu 2020 Mina nginibhabhadisa ngamanzi, kepha Yena uzakunibhabhadisa ngoMoya oNgcwele.” Contemporary Zulu Bible 2024 Mina nginibhapathize ngamanzi, kepha yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele. |
Mina nginibhapathiza ngamanzi kukho ukuphenduka; kepha ozayo emva kwami unamandla kunami, engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe;
Washumayela wathi: “Emva kwami kuyeza onamandla kunami, engingafanele ukukhothama ngithukulule umchilo wezicathulo zakhe.
Kwathi ngalezo zinsuku kwafika uJesu evela eNazaretha laseGalile, wabhapathizwa nguJohane eJordani.
UJohane waphendula, wathi kubo bonke: Mina nginibhapathiza ngamanzi; kodwa uyeza onamandla kunami, engingafanele ukuwuthukulula umchilo wezicathulo zakhe;
UJohane wabaphendula wathi: “Mina ngibhapathiza ngamanzi, kepha kumi phakathi kwenu eningamaziyo;
Nami bengingamazi, kodwa owangithuma ukubhapathiza ngamanzi, nguyena wathi kimi: “Lowo ozakubona uMoya ehla ahlale phezu kwakhe, nguyena obhapathiza ngoMoya oNgcwele.
Ngokuba uJohane wayebhapathiza ngamanzi; kodwa lina lizabhabhathizwa ngoMoya oNgcwele kungakadluli insuku ezinengi.
Abasokile abakholwayo ababeze noPetru bamangala, ngokuba isipho sikaMoya oNgcwele sitheliwe naphezu kwabezizwe.
“Kuyakuthi ngezinsuku zokugcina, usho uJehova, ngithulule uMoya wami phezu kwayo yonke inyama, amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha, nezinsizwa zenu zibone imibono, abadala benu baphuphe amaphupho;
Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.
Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma sikhululekile; futhi sonke sinathiswa uMoya munye.