Kepha waphendula wathi: “Akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, siphonse ezinjaneni.
Mathewu 7:6 - Baasraak Zulu New Testament Bible Ninganiki izinja okungcwele, ningaphonsi amaparele enu phambi kwezingulube, funa ziwanyathele ngezinyawo zazo, ziphenduke, ziniklebhule. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ninganiki izinja okungcwele, ningaphonsi amaparele* enu phambi kwezingulube, funa ziwanyathele ngezinyawo zazo, ziphenduke, ziniklebhule. IsiZulu 2020 “Ningaziniki izinja okungcwele, ningawaphonsi amapharele enu phambi kwezingulube, funa ziwanyathele ngezinyawo, ziphenduke, zinidwengule. Contemporary Zulu Bible 2024 Ninganiki izinja okungcwele, ningaphonsi amaparele enu phambi kwezingulube, funa ziwanyathele ngezinyawo zazo, ziphenduke, ziniklebhule. |
Kepha waphendula wathi: “Akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, siphonse ezinjaneni.
Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo esweni lakho; khona-ke uyobona kahle ukukhipha ucezwana esweni lomfowenu.
ekuhambeni njalo, ezingozini zamanzi, ezingozini zabaphangi, ezingozini ngabakithi, ezingozini ngabezizwe, engozini emzini, engozini enkangala, engozini olwandle, engozini phakathi kwabazalwane bamanga.
nicabanga ukuthi umelwe ukujeziswa kabuhlungu kangakanani lowo onyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu, owathi igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, liyichilo, futhi edelele uMoya. yomusa?
uma behlubuka, babuye bavuselelwe ekuphendukeni; njengoba sebezibethela kabusha iNdodana kaNkulunkulu, futhi bayithela ngehlazo obala.
Kodwa kubehlele kubo njengokwesaga esiqinisileyo esithi: Inja ibuyela emahlanzweni ayo; nengulube egeziweyo ekubhidlizeni odakeni.
Ngokuba ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nawabenzayo amanga.