Kodwa maye kini, babhali labaFarisi, bazenzisi! ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu, ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukuba bangene.
Mathewu 7:13 - Baasraak Zulu New Testament Bible Ngenani ngesango elincane, ngokuba libanzi isango, nendlela ibanzi eyisa ekubhujisweni, baningi abangena ngayo; IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngenani ngesango elincane; ngokuba isango libanzi nendlela inkulu eyisa ekubhujisweni; baningi abangena khona. IsiZulu 2020 “Ngenani ngesango elincane, ngokuba libanzi isango, inkulu nendlela eholela ekubhujisweni; baningi abangena khona. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngenani ngesango elincane, ngokuba libanzi isango, nendlela ibanzi eyisa ekubhujisweni, baningi abangena ngayo; |
Kodwa maye kini, babhali labaFarisi, bazenzisi! ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu, ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukuba bangene.
Khona iyakuthi nakwabangakwesokhohlo: Sukani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe;
Laba bayakumuka ekujezisweni okuphakade, kepha abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.
Ngokuba isango lincane, nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni, bambalwa abayitholayo.
Kwathi ekwahlukaneni kwawo kuye, uPetru wathi kuJesu: “Rabi, kuhle ukuba sibe lapha; elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya, engakwazi akushoyo.
Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene aphume, afumane idlelo.
UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.
Ngakho-ke phendukani, niguquke, ukuze kusulwe izono zenu, ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa zivela ebusweni beNkosi;
Uma uNkulunkulu ethanda ukubonakalisa ulaka lwakhe nokwenza amandla akhe aziwe, wathwala ngokubekezela okukhulu izitsha zolaka ezilungiselwe ukubhujiswa;
okukubo unkulunkulu walelizwe uphuphuthekisile ingqondo yabangakholwayo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.
Ngalokho phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi, ningathinti okungcolileyo; futhi ngizokwamukela,
abakuphela kwabo kungukubhujiswa, abaNkulunkulu wabo uyisisu sabo, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abanaka izinto zasemhlabeni.
Waphonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uDeveli noSathane, odukisa izwe lonke; waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye.
Nabo bonke abakhileyo emhlabeni bayakukhuleka kuso, abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo kusukela ekusekelweni komhlaba.
Noma ngubani ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila waphonswa echibini lomlilo.
Yayiphosela kwalasha, yamvalela, yafaka uphawu phezu kwayo, ukuze ingabe esazidukisa izizwe, ize igcwaliseke iminyaka eyinkulungwane, emva kwalokho imelwe ukukhululwa isikhashana.