Akuthengwa yini imizwilili emibili ngendibilishi na? futhi ayisoze yawela phansi enye yazo ngaphandle kukaYihlo.
Mathewu 6:9 - Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho anokhuleka kanje: Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; IsiZulu 2020 Ngakho-ke anokhuleka kanje: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho anokhuleka kanje: Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho. |
Akuthengwa yini imizwilili emibili ngendibilishi na? futhi ayisoze yawela phansi enye yazo ngaphandle kukaYihlo.
Kepha ngithi kini: Kusukela manje angisayikuphuza okwesithelo somvini, kuze kufike lolo suku engiyakusiphuza ngalo nani sisisha embusweni kaBaba.
Wabuye wahamba ngokwesibili, wakhuleka, wathi: “Baba, uma lesi sitsha singedlule kimi ngingasiphuzi, mayenziwe intando yakho.
Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.
Ngokuba uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo osezulwini uyakunithethelela nani;
Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho, ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; futhi uYihlo obona ekusithekeni uzokubuyisela obala.
Ngakho-ke uma nina enibabi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha okuhle abacela kuye na?
Ngiyakusuka, ngiye kubaba, ngithi kuye: Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho;
Indodana yathi kuye: ‘Baba, ngonile kulo izulu naphambi kwakho, angisafanele ukuthiwa indodana yakho.’
Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathakazelelwayo.
UJesu wathi kuye: “Ungangithinti; ngoba kangikenyukeli kuBaba; kodwa hamba uye kubafowethu, uthi kubo: Ngenyukela kuBaba loYihlo; nakuNkulunkulu wami, noNkulunkulu wenu.
kubo bonke abaseRoma, abathandekayo bakaNkulunkulu, ababizelwe ukuba ngabangcwele: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe; kodwa namukele uMoya wobuntwana, esimemeza ngaye sithi: Aba, Baba.
UPawuli umphostoli, ongaveli ebantwini, kungengomuntu, kodwa ngoJesu Kristu, loNkulunkulu uYise owamvusa kwabafileyo;
Ngokuba ningamadodana, uNkulunkulu uthumile uMoya weNdodana yakhe ezinhliziyweni zenu omemeza ethi: “Aba, Baba!
Onguye yedwa onokungabhubhi, ehlezi ekukhanyeni okungenakusondela kukho; okungekho muntu owake wambona, nongakwazi ukumbona: makube kuye udumo namandla aphakade. Amen.
Futhi uma nibiza uBaba owahlulela wonke umuntu ngokomsebenzi womuntu engakhethi buso, sebenzisani isikhathi sokuhlala kwenu lapha ngokwesaba;
Ufanele, Nkosi, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba wena wadala zonke izinto, nangokwentando yakho zikhona, zadalwa.
bethi ngezwi elikhulu: “Lifanele iWundlu elahlatshwa ukwamukela amandla, nengcebo, nokuhlakanipha, namandla, nodumo, nenkazimulo, nokubusiswa.