ukuze nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini, ngokuba yena wenza ilanga lakhe liphume phezu kwababi nabahle, nemvula ayinisa kwabalungileyo nabangalungile.
Mathewu 5:9 - Baasraak Zulu New Testament Bible Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakubizwa ngokuthi ngabantwana bakaNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu. IsiZulu 2020 Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakuthiwa ngabantwana bakaNkulunkulu. Contemporary Zulu Bible 2024 Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakubizwa ngokuthi ngabantwana bakaNkulunkulu. |
ukuze nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini, ngokuba yena wenza ilanga lakhe liphume phezu kwababi nabahle, nemvula ayinisa kwabalungileyo nabangalungile.
futhi kabasayikufa, ngoba banjengezingilosi; futhi bangabantwana bakaNkulunkulu, bengabantwana bokuvuka.
Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke ningathembi lutho; umvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe-ngabantwana boPhezukonke, ngokuba yena unomusa kwabangabongiyo nababi.
Kwathi ngangomuso wabonakala kubo belwa, wafuna babuyisane, wathi: “Madoda, ningabazalwane; niphathana kabi ngani na?
Ekugcineni, bazalwane, salani kahle. niphelele, niduduzeke, nibe nhliziyonye, nihlale ngokuthula; futhi uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.
Kodwa isithelo sikaMoya siluthando, intokozo, ukuthula, ukubekezela, ubumnene, ukulunga, ukholo,
Ngakho-ke mina, siboshwa seNkosi, ngiyanincenga ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho;
Landelani ukuthula nabantu bonke, nokungcweliswa, okungekho muntu oyobona iNkosi ngaphandle kwakho;