Ubasuthisile abalambileyo ngezinto ezinhle; nabacebile wabamukisa bengenalutho.
Mathewu 5:6 - Baasraak Zulu New Testament Bible Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa. IsiZulu 2020 Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa. Contemporary Zulu Bible 2024 Babusisiwe abalambele, bomele ukulunga, ngokuba bayakusuthiswa. |
Ubasuthisile abalambileyo ngezinto ezinhle; nabacebile wabamukisa bengenalutho.
Nibusisiwe nina enilambile manje, ngokuba niyakusuthiswa. Nibusisiwe nina enikhalayo manje, ngokuba nizakuhleka.
Maye kini enisuthi! ngoba nizakulamba. Maye kinina enihlekayo manje! ngokuba niyakulila, nikhale.
Kepha lowo ophuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kodwa amanzi engizamnika wona azakuba kuye umthombo wamanzi aphuphumayo empilweni elaphakade.
Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kodwa ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyonipha khona iNdodana yomuntu;
Kwathi ngosuku lokugcina olukhulu lomkhosi uJesu wema wamemeza wathi: “Uma ekhona owomileyo, akeze kimi, aphuze.
Abasayikulamba, bangabe besakoma; nelanga aliyikubakhanyisela, noma yikuphi ukushisa.