Kepha u-Abrahama wathi: “Ndodana, khumbula ukuthi wamukela okuhle kwakho usesekuphileni, noLazaru ngokunjalo nokubi;
Mathewu 5:4 - Baasraak Zulu New Testament Bible Babusisiwe abalilayo, ngokuba bayakududuzwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Babusisiwe abakhalayo, ngokuba bayakududuzwa. IsiZulu 2020 Babusisiwe abakhalayo, ngokuba bayakududuzwa. Contemporary Zulu Bible 2024 Babusisiwe abalilayo, ngokuba bayakududuzwa. |
Kepha u-Abrahama wathi: “Ndodana, khumbula ukuthi wamukela okuhle kwakho usesekuphileni, noLazaru ngokunjalo nokubi;
Nibusisiwe nina enilambile manje, ngokuba niyakusuthiswa. Nibusisiwe nina enikhalayo manje, ngokuba nizakuhleka.
Maye kini enisuthi! ngoba nizakulamba. Maye kinina enihlekayo manje! ngokuba niyakulila, nikhale.
Wema ngasezinyaweni zakhe emva kwakhe ekhala, waqala ukugeza izinyawo zakhe ngezinyembezi, wazesula ngezinwele zekhanda lakhe, wanga izinyawo zakhe, wazigcoba ngamafutha.
Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni, ngokuba lapho esevivinyiwe uyakwamukeliswa umqhele wokuphila iNkosi ewuthembisile kwabayithandayo.
UNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona, nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.