Ngalesosikhathi uJesu waphendula wathi: Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu lomhlaba, ngoba ukufihlile lezizinto kwabahlakaniphileyo labaqedisisayo, wazambulela izingane;
Mathewu 5:3 - Baasraak Zulu New Testament Bible Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo. IsiZulu 2020 “Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo. Contemporary Zulu Bible 2024 Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo. |
Ngalesosikhathi uJesu waphendula wathi: Ngiyakubonga, Baba, Nkosi yezulu lomhlaba, ngoba ukufihlile lezizinto kwabahlakaniphileyo labaqedisisayo, wazambulela izingane;
Kepha uJesu wathi: “Vumelani abantwana, ningabenqabeli ukuza kimi, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo.
Khona iNkosi izakuthi kwabangakwesokunene sayo: Wozani lina elibusiswe nguBaba, lidle ilifa lombuso eliwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.
Kepha ngithi kini: Abaningi bayakuza bevela empumalanga nasentshonalanga, bahlale ekudleni no-Abrahama, no-Isaka, noJakobe embusweni wezulu.
Kodwa uJesu ekubona wathukuthela, wathi kubo: Vumelani abantwana abancane beze kimi, lingabenqabeli, ngoba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.
Kodwa yena wathi: Yebo kodwa kakhulu babusisiwe abalizwayo ilizwi likaNkulunkulu, baligcine.
Ngithi kini: Lo wehlela endlini yakhe elungisisiwe kulomunye; lalowo ozithobayo uzaphakanyiswa.
ukuze nidle, niphuze etafuleni lami embusweni wami, nihlale ezihlalweni zobukhosi, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.
UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumile ukuba ngiphulukise abadabukileyo, ngishumayele ukukhululwa kwabathunjwa, nokubona kwabayizimpumputhe, ngikhulule abachotshoziweyo;
Kepha ocebileyo ngokuthotshiswa kwakhe, ngokuba njengembali yotshani uyakudlula.
Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni, ngokuba lapho esevivinyiwe uyakwamukeliswa umqhele wokuphila iNkosi ewuthembisile kwabayithandayo.
Lalelani, bazalwane bami abathandekayo: UNkulunkulu kabakhethanga yini abampofu balumhlaba ukuba bacebe ekukholweni, lezindlalifa zombuso awuthembisayo abamthandayo?
Yathi kimi: “Loba ukuthi: Babusisiwe abamenyelwe esidlweni somshado weWundlu. Yathi kimi: Lawa angamazwi kaNkulunkulu aqinisileyo.
Babusisiwe abagcina imiyalo yakhe, ukuze babe negunya emthini wokuphila, futhi bangene emzini ngamasango.
Ngokuba uthi: Ngicebile, ngicebile, angisweli lutho; kanti kawazi ukuthi ulusizi, lolusizi, lompofu, lesiphofu, njalo uhamba ze;