Wabona umkhiwane ngasendleleni, waya kuwo, akafumananga lutho kuwo, amaqabunga kuphela; Umkhiwane wabuna masinyane.
Mathewu 3:10 - Baasraak Zulu New Testament Bible Kalokhu izembe selibekiwe empandeni yemithi, ngakho yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyagawulwa, iphonswe emlilweni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izembe selibekiwe empandeni yemithi; ngakho yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyanqunywa, iphonswe emlilweni. IsiZulu 2020 Izembe selibekiwe empandeni yemithi, ngakho-ke yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyanqunywa, iphonswe emlilweni. Contemporary Zulu Bible 2024 Kalokhu izembe selibekiwe empandeni yemithi, ngakho yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyagawulwa, iphonswe emlilweni. |
Wabona umkhiwane ngasendleleni, waya kuwo, akafumananga lutho kuwo, amaqabunga kuphela; Umkhiwane wabuna masinyane.
Kalokhu izembe selibekiwe empandeni yemithi; ngakho yonke imithi engatheli izithelo ezinhle iyagawulwa, iphonswe emlilweni.
Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune; bawabuthe, bawaphonse emlilweni, ashiswe.
Qaphelani ukuthi ningamali okhulumayo. Ngokuba uma bengaphunyukanga abamala lowo owakhuluma emhlabeni, kakhulu kangakanani thina, uma simfulathela okhuluma esezulwini;
Kepha uma uthela ameva namakhakhasi, uyaliwa, useduze nokuqalekiswa; okuphela kwawo kungukushiswa.