Waseguqulwa isimo phambi kwabo, ubuso bakhe bakhazimula njengelanga, nezingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya.
Mathewu 28:3 - Baasraak Zulu New Testament Bible Ubuso bakhe babunjengombani, lesembatho sakhe sasimhlophe njengeqhwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ukubonakala kwayo kwakunjengonyazi, nesambatho sayo sasimhlophe njengongqoqwane. IsiZulu 2020 Yayibukeka injengonyazi, isembatho sayo simhlophe njengongqoqwane. Contemporary Zulu Bible 2024 Ubuso bakhe babunjengombani, lesembatho sakhe sasimhlophe njengeqhwa. |
Waseguqulwa isimo phambi kwabo, ubuso bakhe bakhazimula njengelanga, nezingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya.
Sebengena ethuneni, babona insizwa ihlezi ngakwesokunene yembethe ingubo ende emhlophe; besaba.
Izingubo zakhe zacwazimula, zaba mhlophe kakhulu njengeqhwa; kangangokuthi akekho umhlanzi emhlabeni ongaba mhlophe.
Wabona izingelosi ezimbili zembethe okumhlophe zihlezi, enye ngasekhanda nenye ngasezinyaweni, lapho isidumbu sikaJesu besilele khona.
Kwathi besagqolozele ezulwini enyuka, bheka, amadoda amabili emi ngakubo embethe izingubo ezimhlophe;
Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ezulwini, yembethe ifu, kunothingo ekhanda layo, nobuso bayo bunjengelanga, nezinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo;
Emva kwalokho ngabona enye ingelosi yehla ezulwini, inamandla amakhulu; futhi umhlaba wakhanyiswa ngenkazimulo yakhe.