Nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo sobukhosi.
Mathewu 26:53 - Baasraak Zulu New Testament Bible Uthi ngingecele kuBaba ukuthi anginike manje amalegiyona ezingelosi angaphezu kweshumi nambili na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ingabe uthi ngingecele kuBaba angithumele manje amalegiyona* ezingelosi adlula ishumi nambili na? IsiZulu 2020 Ucabanga ukuthi bengingecele yini kuBaba angithumelele amaviyo ezingelosi angaphezu kwali-12 na? Contemporary Zulu Bible 2024 Uthi ngingecele kuBaba ukuthi anginike manje amalegiyona ezingelosi angaphezu kweshumi nambili na? |
Nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo sobukhosi.
Bafika kuJesu, bambona obekhwelwe ngamademoni ehlezi, embethe, esangulukile, owayekhwelwe ngamademoni; base besaba.
Wasembuza wathi: Ungubani ibizo lakho? Wasephendula wathi: Ibizo lami nginguLegiyoni, ngoba sibanengi.
UJesu wambuza wathi: “Ungubani igama lakho na? Wathi: “ILegiyoni, ngokuba amademoni amaningi abengene kuye.
Akakho ongangamuka mina, kodwa mina ngidela ngokwami. nginamandla okukubeka phansi, nginamandla okubuye ngikuthabathe; lomlayo ngiwamukele kuBaba.
Nakini enihluphekayo, niphumule kanye nathi, lapho iNkosi uJesu yambulwa ezulwini inezingelosi zayo ezinamandla;
Naye u-Enoke, owesikhombisa kusukela ku-Adamu, waprofetha ngalaba, wathi: “Bheka, iNkosi iyeza nezinkulungwane eziyishumi zabangcwele bayo.