Kodwa uJesu waphendula wathi: Kalikwazi enikucelayo. Ningakwazi yini ukuyiphuza indebe engizoyiphuza mina, futhi nibhapathizwe ngobhapathizo engibhapathizwa ngalo na? Bathi kuye: Singakwenza.
Mathewu 26:42 - Baasraak Zulu New Testament Bible Wabuye wahamba ngokwesibili, wakhuleka, wathi: “Baba, uma lesi sitsha singedlule kimi ngingasiphuzi, mayenziwe intando yakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wabuye waya ngokwesibili, wakhuleka wathi: “Baba, uma lesi sitsha singedlule kimi ngingasiphuzanga, mayenziwe intando yakho.” IsiZulu 2020 Wabuye wahamba okwesibili, wakhuleka wathi: “Baba, uma le ndebe ingenakudlula kimi ngingakayiphuzi, mayenziwe intando yakho.” Contemporary Zulu Bible 2024 Wabuye wahamba ngokwesibili, wakhuleka, wathi: “Baba, uma lesi sitsha singedlule kimi ngingasiphuzi, mayenziwe intando yakho. |
Kodwa uJesu waphendula wathi: Kalikwazi enikucelayo. Ningakwazi yini ukuyiphuza indebe engizoyiphuza mina, futhi nibhapathizwe ngobhapathizo engibhapathizwa ngalo na? Bathi kuye: Singakwenza.
Waqhubeka ingcosana, wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, makudlule kimi lesisitsha; nokho kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.
Wathi: “Aba, Baba, zonke izinto zingenzeka kuwe; susa lesisitsha kimi, kodwa kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba kuthanda wena.
Ngoba ngehle ezulwini, kungeyisikho ukuthi ngenze intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo.
Ngokuba asinaye umpristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu; kodwa walingwa kukho konke njengathi, kodwa engenasono.