Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.
Mathewu 26:11 - Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba abampofu ninabo njalo; kepha mina aninami njalo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba abampofu ninabo njalo, kepha mina aninami njalo. IsiZulu 2020 Ngokuba abampofu ninabo njalo, kodwa Mina aniyukuhlala ninami njalo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba abampofu ninabo njalo; kepha mina aninami njalo. |
Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.
UJesu ekwazi wathi kubo: “Nimhluphelani owesifazane na? ngoba wenzé umsebenzi omuhle kimi.
nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe. Amen.
Ngokuba abampofu ninabo njalo, futhi noma nini lapho sukuba nithanda, ningabenzela okuhle, kepha mina aninami njalo.
Bantwanyana, kuseyisikhashana nginani. Niyakungifuna, nanjengalokho ngasho kumaJuda ukuthi: Lapho ngiya khona, ningeze nina; ngakho manje ngithi kini.
Kuseyisikhashana izwe lingabe lisangibona; kodwa nina niyangibona, ngokuba ngiphila mina, nani nizakuphila.
Kepha manje ngiyahamba ngiya kongithumileyo; akakho kinina ongibuzayo ukuthi: Uya ngaphi na?
Kalokhu angisekho ezweni, kepha bona basezweni, mina ngiza kuwe. Baba oNgcwele, bagcine egameni lakho labo onginike bona, ukuze babe munye, njengathi.
omelwe ukumamukela izulu kuze kube yizikhathi zokubuyiselwa kwakho konke uNkulunkulu azikhulumayo ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele bonke kusukela kwaphakade.
Kepha onezinto zaleli zwe, bese ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele ububele bakhe kuye, uthando lukaNkulunkulu luhlala kanjani kuye na?