Kuyakuba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu ezindaweni ngezindawo, nendlala, nezifo eziwumshayabhuqe; kuyakuba khona izinto ezesabekayo nezibonakaliso ezinkulu ezivela ezulwini.
Mathewu 24:7 - Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona indlala, nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona indlala nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo. IsiZulu 2020 Isizwe siyakuvukela esinye, nombuso uvukele omunye; kuyakuba khona indlala, nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona indlala, nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo. |
Kuyakuba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu ezindaweni ngezindawo, nendlala, nezifo eziwumshayabhuqe; kuyakuba khona izinto ezesabekayo nezibonakaliso ezinkulu ezivela ezulwini.
Kwasekusukuma omunye wabo obizo lakhe lingu-Agabu, watshengisa ngoMoya ukuthi kuzakuba khona indlala enkulu emhlabeni wonke;
Ngiyakwenza izimangaliso ezulwini phezulu, nezibonakaliso emhlabeni phansi; igazi, nomlilo, nentuthu yomusi;
Lelilizwi elithi: Kusezakuba kanye, litshengisa ukususwa kwezinto ezinyakaziswayo, njengokuthi okwenziwayo, ukuze kuhlale okunganyikinywayo.
Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu; ilanga laba mnyama njengendwangu yesaka yoboya, nenyanga yaba njengegazi;
Lapho livula uphawu lwesithathu, ngezwa isidalwa sesithathu esiphilayo sithi: Woza, ubone. Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimnyama; nohlezi phezu kwalo wayephethe isikali esandleni sakhe.
Ngase ngizwa izwi phakathi kwezidalwa ezine eziphilayo, lithi: “Imbenge kakolweni ngodenariyu, neziseya ezintathu zebhali ngodenariyu; futhi ungawoni amafutha newayini.
Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimpofu nohlezi phezu kwalo igama lakhe lalinguKufa, neHayidese lamlandela. Banikwa amandla phezu kwengxenye yesine yomhlaba, ukubulala ngenkemba, nendlala, nangokufa, nangezilwane zomhlaba.