Ohlanyelwe emeveni nguye olizwayo izwi; futhi ukukhathazeka kwalesi simiso sezinto, nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, libe ngongatheli.
Mathewu 22:5 - Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa kabananzanga, basuka, omunye waya ensimini yakhe, omunye waya entengweni yakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Kepha badelela, bahamba; omunye waya ensimini yakhe, omunye waya entengweni yakhe. IsiZulu 2020 “Kepha bakushaya indiva lokho, bahamba; omunye waya ensimini yakhe, omunye waya lapho ayethengisela khona. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa kabananzanga, basuka, omunye waya ensimini yakhe, omunye waya entengweni yakhe. |
Ohlanyelwe emeveni nguye olizwayo izwi; futhi ukukhathazeka kwalesi simiso sezinto, nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, libe ngongatheli.
Waphinda wathuma ezinye izinceku, wathi: ‘Tshelani abamenyiweyo ukuthi: Bhekani, sengilungisile isidlo sami, izinkabi zami nokukhuluphalisiweyo sekuhlatshiwe, konke sekulungisiwe;
Wasesithi kwabathengisa amajuba: Susani lezizinto lapha; ningayenzi indlu kaBaba ibe yindlu yokuthengisela.
Esakhuluma ngokulunga, nokuzithiba, nokwahlulela okuzayo, uFelike washaywa luvalo, waphendula wathi: “Okwamanje hamba; nxa nginesikhathi esihle, ngizakubiza.
Noma udelela ingcebo yobubele bakhe nokubekezela nokubekezela kwakhe; ungazi ukuthi umusa kaNkulunkulu ukuyisa ekuphendukeni na?
Ngokuba ukunaka kwenyama kungukufa; kepha ukunaka okomoya kungukuphila nokuthula.
Abakhapheli, abalukhuni, abakhukhumeleyo, abathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu;
Thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? eyaqala ukukhulunywa yiNkosi, yaqinisekiswa kithi yilabo abayizwayo;
Ngokuhaha bayakunenza ngamazwi obuqili; ukwahlulelwa kwabo kwakudala akulibali, nokubhujiswa kwabo akozeli.