Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Mathewu 2:2 - Baasraak Zulu New Testament Bible

besithi: Ungaphi ozelwe eyinkosi yamaJuda? ngokuba sibonile inkanyezi yakhe empumalanga, size ukukhuleka kuye.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

“Uphi lowo ozelwe eyinkosi yabaJuda na? Ngokuba sibonile inkanyezi yakhe kwelasempumalanga, size ukukhuleka kuye.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

“Uphi lowo ozelwe eyinkosi yabaJuda na? Ngokuba siyibonile inkanyezi yakhe empumalanga, ngakho-ke size ukuzokhuleka kuye.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

besithi: Ungaphi ozelwe eyinkosi yamaJuda? ngokuba sibonile inkanyezi yakhe empumalanga, size ukukhuleka kuye.

Uka jalj uñjjattʼäta



Mathewu 2:2
28 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UHerode inkosi esekuzwile lokho wakhathazeka, neJerusalema lonke kanye naye.


Tshelani indodakazi yaseSiyoni ukuthi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe, imnene, ikhwele imbongolo, nethole lembongolo;


UJesu wema phambi kombusi; umbusi wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na? UJesu wasesithi kuye: Utsho wena.


besithi: Kayibusiswe iNkosi ezayo ebizweni leNkosi: ukuthula ezulwini, lenkazimulo kweliphezulu.


Ngokuba nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide.


UPilatu wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na? Wasephendula wathi kuye: Utsho wena.


Kwakukhona nombhalo phezu kwakhe ngezinhlamvu zesiGreki, nesiLatini, nesiHeberu, othi: LO UYINKOSI YABAJUDA.


UNathanayeli waphendula, wathi kuye: “Rabi, wena uyiNdodana kaNkulunkulu; wena uyiNkosi yakwa-Israyeli.


Yathatha amagatsha esundu, yaphuma ukumhlangabeza, yamemeza yathi: “Hosana!


UPilatu wasesithi kuye: Ngakho wena uyinkosi yini? UJesu waphendula wathi: Wena uthi ngiyinkosi. Ngazalelwa lokho, futhi ngezela lokho ezweni, ukuze ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.


UPilatu waloba nombhalo, wasibeka esiphambanweni. Kwakulotshiwe ukuthi: UJESU WENAZARETHA INKOSI YABAJUDA.


UTomase waphendula, wathi kuye: Nkosi yami, Nkulunkulu wami.


ukuze bonke bahloniphe iNdodana, njengalokhu bedumisa uYise. Ongayihloniphi iNdodana akamhloniphi uYise oyithumileyo.


Wathi: Ngiyakholwa, Nkosi. Wakhuleka kuye.


Futhi lapho eseletha olizibulo emhlabeni, uthi: Nezingelosi zonke zikaNkulunkulu mazikhuleke kuye.


Mina Jesu ngithumile ingelosi yami ukufakaza kini lezi zinto emabandleni. Mina ngiyimpande nenzalo kaDavide, inkanyezi yokusa ekhanyayo.