Ukuzalwa kukaJesu Kristu kwaba kanje: unina uMariya esemiselwe uJosefa, bengakahlangani wafunyanwa ekhulelwe ngoMoya oNgcwele.
Mathewu 2:11 - Baasraak Zulu New Testament Bible Zase zingena endlini, zabona umntwana noMariya unina, zawa phansi, zakhuleka kuye; igolide, nenhlaka, nomure. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Zase zingena endlini, zabona umntwana noMariya unina, zawa phansi, zakhuleka kuye, zavula amagugu azo, zamkhunga ngezipho: igolide namakha nenhlaka. IsiZulu 2020 Zase zingena endlini, zabona umntwana nonina uMariya, zawa phansi, zakhuleka kuye. Zavula amagugu azo, zamkhunga ngezipho: igolide, amakha, nenhlaka. Contemporary Zulu Bible 2024 Zase zingena endlini, zabona umntwana noMariya unina, zawa phansi, zakhuleka kuye; igolide, nenhlaka, nomure. |
Ukuzalwa kukaJesu Kristu kwaba kanje: unina uMariya esemiselwe uJosefa, bengakahlangani wafunyanwa ekhulelwe ngoMoya oNgcwele.
Esakhuluma nesixuku, bheka, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye.
Basebesiza ababesemkhunjini, bakhuleka kuye, besithi: Isibili wena uyiNdodana kaNkulunkulu.
besithi: Ungaphi ozelwe eyinkosi yamaJuda? ngokuba sibonile inkanyezi yakhe empumalanga, size ukukhuleka kuye.
Naye weza ngaso leso sikhathi, wayibonga iNkosi, wakhuluma ngayo kubo bonke ababebheke ukukhululwa eJerusalema.
Kwafika noNikodemu owafika kuJesu kuqala ebusuku, ephethe ingxube yenhlaka nenhlaba, engaba amapondo ayikhulu.
Ngawa ngasezinyaweni zayo ukuba ngiyikhonze. Yathi kimi: “Bheka, ungakwenzi; mina ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abanobufakazi bukaJesu;
Kuthe seliyithathile incwadi, izidalwa ezine eziphilayo namalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kweWundlu, ngayinye inehabhu nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele.