Mathewu 19:12 - Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba kukhona abathenwa, abazalwa benjalo kwasesiswini sikanina; kukhona nabathenwa, abathenwa ngabantu; Lowo okwaziyo ukuwemukela, makawemukele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba kukhona abathenwa abazalwa benjalo kwasesiswini sikanina; kukhona nabathenwa abathenwe ngabantu; kukhona futhi abathenwa abazithenileyo ngenxa yombuso wezulu. Ongakwamukela lokho akwamukele.” IsiZulu 2020 Ngokuba kukhona abathenwa abazalwa benjalo kwasesiswini sikanina; kukhona nabathenwa abathenwe ngabantu, futhi kukhona abathenwa abazithenileyo ngenxa yombuso wezulu. Okwazi ukukwemukela lokhu, makakwemukele.” Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba kukhona abathenwa, abazalwa benjalo kwasesiswini sikanina; kukhona nabathenwa, abathenwa ngabantu; Lowo okwaziyo ukuwemukela, makawemukele. |
Kwase kulethwa kuye abantwana abancane ukuba abeke izandla phezu kwabo, akhuleke; abafundi babakhuza.
Kepha mina angisebenzisanga nokukodwa kwalezo zinto, futhi angikulobanga lezizinto ukuba kwenziwe kanjalo kimi, ngokuba kungaba ngcono kimi ukuba ngife kunokuba umuntu enze ize ukuziqhayisa kwami.
Asinagunya lokuhamba nodadewenu, umkakho, nabanye abaphostoli, nabafowabo beNkosi, noKhefase?
Laba yibo abangangcoliswanga ngabesifazane; ngoba bayizintombi. Laba yibo abalandela iWundlu nomaphi lapho liya khona. Laba bahlengwa phakathi kwabantu, balibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu.