Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




Mathewu 10:42 - Baasraak Zulu New Testament Bible

Nalowo ophuzisa omunye walaba abancinyane inkezo yodwa yamanzi abandayo egameni lomfundi, ngiqinisile ngithi kini: Kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Yilowo nalowo oyakuphuzisa abe munye kulaba abancinyane, ngisho inkezo eyodwa yamanzi aqandayo ngegama lomfundi, ngiqinisile ngithi kini: Kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.”

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Yilowo nalowo oyakuphuzisa abe munye kulaba abancinyane, ngisho inkezo eyodwa nje yamanzi aqandayo, ngokuba lowo engumfundi, ngiqinisile ngithi kini: kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.”

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Nalowo ophuzisa omunye walaba abancinyane inkezo yodwa yamanzi abandayo egameni lomfundi, ngiqinisile ngithi kini: Kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta



Mathewu 10:42
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Xwayani ukuba ningadeleli noyedwa walaba abancinyane; ngokuba ngithi kini: Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini.


Kanjalo akusiyo intando kaYihlo osezulwini ukuba kubhubhe noyedwa kulaba abancinyane.


Inkosi iyakuphendula, ithi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Njengoba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile nakimi.


Bekungaba ngcono kuye ukuba itshe lokuchola ligaxwe entanyeni yakhe, aphonswe olwandle, kunokuba akhubekise abe munye kulaba abancinyane.


Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke ningathembi lutho; umvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe-ngabantwana boPhezukonke, ngokuba yena unomusa kwabangabongiyo nababi.


Ngokuba uma kuqala kukhona ukuvuma, kwamukeleka ngokwalokho umuntu anakho, kungenjengalokho angenakho.


Ngokuba uNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nomshikashika wothando enalubonakalisa kulo igama lakhe, ngokukhonza abangcwele, nisabakhonza.