UJosefa esevukile ebuthongweni wenza njengalokho imyalile ingelosi yeNkosi, wamthathela umkakhe;
Mathewu 1:23 - Baasraak Zulu New Testament Bible Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, bayiqambe igama lokuthi u-Emanuweli, okungukuthi ngokuhunyushwa, uNkulunkulu unathi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama lokuthi u-Emanuweli,” okungukuthi ngokuhunyushwa “uNkulunkulu unathi”. IsiZulu 2020 “Intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama bathi ngu-Immanuweli,” okusho ukuthi: “UNkulunkulu unathi.” Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, bayiqambe igama lokuthi u-Emanuweli, okungukuthi ngokuhunyushwa, uNkulunkulu unathi. |
UJosefa esevukile ebuthongweni wenza njengalokho imyalile ingelosi yeNkosi, wamthathela umkakhe;
nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe. Amen.
ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.
INkosi yasisithi kuPawuli ebusuku ngombono: Ungesabi, kodwa khuluma, ungathuli;
Pho siyakuthini ngalezi zinto na? Uma uNkulunkulu engakithi, ngubani ongamelana nathi na?
abangababo obaba, avela kubo uKristu ngokwenyama, uNkulunkulu ophezu kwakho konke, obongekayo kuze kube phakade. Amen.
okuwukuthi uNkulunkulu ekuKristu, enza izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko zabo; futhi ubeke kithi izwi lokubuyisana.
Futhi ngokungangabazeki inkulu imfihlakalo yokumesaba uNkulunkulu: UNkulunkulu wabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, wakholeka emhlabeni, wemukelwa enkazimulweni.
Nokho iNkosi yema nami, yangiqinisa; ukuze ngami ivangeli laziwe ngokugcwele, nezizwe zonke zizwe; ngakhululwa emlonyeni wengonyama.
INkosi uJesu Kristu mayibe nomoya wakho. Umusa mawube nani. Amen. (Incwadi yesibili eya kuThimothewu, owagcotshwa umbhishobhi wokuqala webandla lase-Efesu, yalotshwa eRoma, lapho uPawulu elethwa phambi kukaNero okwesibili.)