Kwathi ngalezo zinsuku wagula, wafa; sebemgezile, bambeka ekamelweni eliphezulu.
KwabaseFilipi 2:27 - Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba nempela wayegula esondela ekufeni, kepha uNkulunkulu wamhawukela; njalo kungeyisikho kuye yedwa, kodwa lakimi, ukuze ngingabi losizi phezu kosizi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba nempela wayegula ephansi kokufa; kepha uNkulunkulu wamhawukela, kungeyena yedwa, wangihawukela nami, ukuze ngingabi nalusizi phezu kosizi. IsiZulu 2020 Impela wayegula, kwembulwa kwembeswa, kodwa uNkulunkulu wamhawukela, kungeyena yedwa, nami imbala wangihawukela, ukuze ngingabi nosizi phezu kosizi. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba nempela wayegula esondela ekufeni, kepha uNkulunkulu wamhawukela; njalo kungeyisikho kuye yedwa, kodwa lakimi, ukuze ngingabi losizi phezu kosizi. |
Kwathi ngalezo zinsuku wagula, wafa; sebemgezile, bambeka ekamelweni eliphezulu.
Anifikelwa ukulingwa okuvamile kubantu, kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu; kepha kanye nokulingwa uyakunenza nendlela yokuphunyuka, nize nibe-namandla okukuthwala.
Ngakho-ke kufanele nimthethelele, nimduduze, funa onjalo agwinywe usizi olukhulu.
Ngakho-ke ngakhuthalela kakhulu ukumthuma, ukuze kuthi, nxa senimbona futhi, nithokoze, nomunyu nami nginciphe.
Ngokuba ngenxa yomsebenzi kaKristu wacishe wafa, engakukhathaleli ukuphila kwakhe, ukuze agcwalise ukusilela kwenu ekungikhonzeni.