Khona uJesu wathi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukungilandela, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.
KwabaseFilipi 2:21 - Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba bonke bazifunela okwabo, kungengokukaJesu Kristu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba bonke bafuna okwabo, abafuni okukaJesu Kristu. IsiZulu 2020 Bonke bazifunela okwabo, abafuni okukaJesu Khristu. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba bonke bazifunela okwabo, kungengokukaJesu Kristu. |
Khona uJesu wathi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukungilandela, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.
Uma umuntu eza kimi, engazondi uyise, nonina, nomkakhe, nabantwana, nabafowabo, nawodadewabo, yebo, nokuphila kwakhe futhi, angebe ngumfundi wami.
Kwathi uPawuli labakanye laye besuka ePafosi, bafika ePerga esePhamfiliya; kodwa uJohane wasuka kubo wabuyela eJerusalema.
Kepha uPawulu akabonanga kukuhle ukumthatha, ahambe nabo, yena owabashiya ePhamfiliya, akaya nabo emsebenzini.
njengalokhu nami ngithokozisa bonke ezintweni zonke, ngingafuni inzuzo yami, kodwa eyabaningi, ukuze basindiswe.
Ngokuba njengalokhu izinhlupheko zikaKristu zivama kithi, kanjalo nenduduzo yethu kuvama ngoKristu.
Uyakwazi lokhu, ukuthi bonke abase-Asiya bangifulathele; okukubo ngoFigelu noHermogene.
Ngokuba abantu bayakuba ngabazithandayo, abahahayo, nabazidlayo, nabazidlayo, nabathukayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabangangcwele;
Ngokuba uDema ungishiyile, ethanda leli zwe lamanje, waya eThesalonika; uKreske eGalathiya, uThithu eDalmatiya.
Ekuziphenduleleni kwami kokuqala akukho muntu owama nami, kepha bonke bangishiya;