KwabaseFilipi 1:22 - Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha uma ngiphila enyameni, lokhu kuyizithelo zomsebenzi wami; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uma ukuphila enyameni kuyisithelo somsebenzi kimi, angisakwazi engizakukukhetha. IsiZulu 2020 Kepha uma ukuphila kulo mzimba kuyisithelo somsebenzi kimi, engizakukukhetha angikwazi. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha uma ngiphila enyameni, lokhu kuyizithelo zomsebenzi wami; |
Kepha angithandi ukuba ningazi, bazalwane, ukuthi ngazimisela kaningi ukuza kini, ngavinjwa kuze kube manje, ukuze ngibe nesithelo naphakathi kwenu, nanjengakwabanye abezizwe.
UNkulunkulu akabalahlanga abantu bakhe ayebazi ngaphambili. Anazi yini ukuthi umbhalo uthini ngo-Eliya na? ukuthi umncenga kanjani uNkulunkulu ngoIsrayeli, ethi:
Ngibethelwe kanye noKristu, nokho ngiyaphila; nokho akumina, kodwa uKristu uphila kimi, nokuphila engikuphila manje enyameni ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.
Ngokuba ngicindezelekile phakathi kokubili, nginesifiso sokumuka ngiyekuba noKristu; okuyinto engcono kakhulu:
Ngokuba ngithanda ukuba nazi ukuthi kungakanani ukulwa enginakho ngenxa yenu, nangenxa yabaseLawodikeya, nabo bonke abangabubonanga ubuso bami enyameni;
ukuze isikhathi esiseleyo enyameni angabe esaphila ezinkanukweni zabantu, kodwa ngentando kaNkulunkulu.