KwabaseFilipi 1:16 - Baasraak Zulu New Testament Bible Laba batshumayela uKristu ngombango, kungeyisikho ngobuqotho, bethi bangongeza usizi ezibopho zami; IBHAYIBHELI ELINGCWELE laba bashumayela ngothando, bazi ukuthi ngimiselwe ukuvikela ivangeli, IsiZulu 2020 Abanye bashumayela ngothando, bazi ukuthi ngimiselwe ukuvikela ivangeli. Contemporary Zulu Bible 2024 Laba batshumayela uKristu ngombango, kungeyisikho ngobuqotho, bethi bangongeza usizi ezibopho zami; |
Ngokuba asinjengabaningi abonakalisa izwi likaNkulunkulu, kepha njengabaqotho, njengabavela kuNkulunkulu phambi kukaNkulunkulu sikhuluma sikuKristu.
ukuze nivume izinto ezinhle kakhulu; ukuze nibe msulwa, ningabi nacala, kuze kufike usuku lukaKristu;
Kepha ngithanda ukuba nazi, bazalwane, ukuthi okwenzeka kimi kwaphumela ekuqhubekiseleni phambili ivangeli;
Ngenxa yokuhlanganyela kwenu evangelini kusukela osukwini lokuqala kuze kube manje;
njengokuba kufanele ukuba ngikucabangele lokhu nonke, ngokuba nginenu enhliziyweni yami; njengoba naseziboshweni zami, nasekuvikeleni nasekuqiniseni ivangeli, nina nonke ningabahlanganyeli bomusa wami.
Kepha niyabazi ubufakazi bakhe, ukuthi njengendodana kuyise ukhonzile kanye nami evangelini.
Nani-ke nina baseFilipi niyazi ukuthi ekuqaleni kwevangeli, ekusukeni kwami eMakedoniya, akukho bandla elahlanganyela nami endabeni yokupha nokwamukela, kuphela nina nodwa.
Ngiyakuncenga-ke nawe sithandwa sami esiqotho, ukuthi usize labo besifazane abashikashikeka kanye nami evangelini, kanye noKlemente, nezinye izisebenzi kanye nami, abamagama abo asencwadini yokuphila.