Noma nginesiphiwo sokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke; noma nginokukholwa konke, ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.
KuThithu 3:9 - Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha gwema imibuzo yobuwula, nezindaba zozalo, nokubanga, nokubanga ngomthetho; ngoba azisizi futhi ziyize. IBHAYIBHELI ELINGCWELE kepha gwema imibuzo yobuwula, nezindaba zolibo lokuzalana, nokubanga nokuphikisana ngomthetho; ngokuba lokho akusizi, kuyize. IsiZulu 2020 kodwa yigweme impikiswano ewubuwula, izindaba zolibo lokuzalana, imibango, nokuphikisana ngomthetho, ngokuba lokho akusizi, futhi kuyimbude. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha gwema imibuzo yobuwula, nezindaba zozalo, nokubanga, nokubanga ngomthetho; ngoba azisizi futhi ziyize. |
Noma nginesiphiwo sokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke; noma nginokukholwa konke, ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.
Maqondana nokuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi sonke sinolwazi. Ulwazi luyakhukhumeza, kepha uthando luyakha.
Kodwa uyenqaba izinganekwane ezingcolile nezalukazi, futhi uzijwayeze ukumesaba uNkulunkulu.
Bakhumbuze ngalezo zinto, ubayale phambi kweNkosi ukuthi bangaphikisani ngamazwi, okungasizi lutho, kodwa kubhubhise abezwayo.
Kepha inkulumo-ze eyize xwaye kuyo, ngokuba bayokwanda ekungahloniphi uNkulunkulu.
Kodwa imibuzo yobuwula leyabangafundileyo uyigweme, wazi ukuthi izala ukuxabana.
Zivelaphi izimpi nokulwa phakathi kwenu na? Aziphumi yini lapha ezinkanukweni zenu ezilwa ezithweni zenu na?