Uma nibingelela abafowenu bodwa, nenza ngani ngaphezu kwabanye na? Abenzi njalo nabathelisi na?
KuThithu 3:15 - Baasraak Zulu New Testament Bible Bonke abanami bayakhonza kuwe. Bingelela abasithandayo ekukholweni. Umusa mawube nani nonke. Amen. (Yabhalelwa uThithu, owagcotshwa umbhishobhi wokuqala webandla lamaKrethe, waseNikopoli yaseMakedoniya.) IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bonke abanami bayakhonza kuwe. Khonza kwabasithandayo ekukholweni. Umusa mawube nani nonke. IsiZulu 2020 Bonke abanami bayakhonza kuwe. Khonza kwabasithandayo ekukholweni. Umusa mawube nani nonke. Contemporary Zulu Bible 2024 Bonke abanami bayakhonza kuwe. Bingelela abasithandayo ekukholweni. Umusa mawube nani nonke. Amen. (Yabhalelwa uThithu, owagcotshwa umbhishobhi wokuqala webandla lamaKrethe, waseNikopoli yaseMakedoniya.) |
Uma nibingelela abafowenu bodwa, nenza ngani ngaphezu kwabanye na? Abenzi njalo nabathelisi na?
Nani ngokwenu niyazi ukuthi lezi zandla zisebenzele izidingo zami nezababe nami.
Ngokuba kuKristu Jesu ukusoka nokungasoki akulutho; kodwa ukholo olusebenza ngothando.
Isibingelelo ngesandla sami mina Pawulu. Khumbulani izibopho zami. Umusa mawube nani. Amen. (Yabhalwa uThikhiku no-Onesimu isuka eRoma yaya kwabaseKolose.)
kuThimothewu, indodana yami uqobo ekukholweni: Makube umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu noKristu Jesu iNkosi yethu.
Kepha isiphetho somyalo siluthando oluphuma enhliziyweni ehlanzekileyo, nakunembeza omuhle, nasekukholweni okungazenzisi;
INkosi uJesu Kristu mayibe nomoya wakho. Umusa mawube nani. Amen. (Incwadi yesibili eya kuThimothewu, owagcotshwa umbhishobhi wokuqala webandla lase-Efesu, yalotshwa eRoma, lapho uPawulu elethwa phambi kukaNero okwesibili.)
Ngizwa ngothando lwakho nokukholwa onakho eNkosini uJesu nakubo bonke abangcwele;
Umusa mawube nani nonke. Amen. (Ibhalelwe amaHeberu evela e-Italy, nguThimothewu.)