Wabona umkhiwane ngasendleleni, waya kuwo, akafumananga lutho kuwo, amaqabunga kuphela; Umkhiwane wabuna masinyane.
KuThithu 3:14 - Baasraak Zulu New Testament Bible Nabethu mabafunde ukugcina imisebenzi emihle ngokuswela, ukuze bangabi abangatheli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nabakithi mabafunde ukukhuthalela imisebenzi emihle njengokuswelekileyo, ukuze bangabi ngabangenazithelo. IsiZulu 2020 Abantu bakithi mabakukhuthalele ukwenza imisebenzi emihle ukuba basize lapho kuswelekile, ukuze bangabi ngabangenazithelo. Contemporary Zulu Bible 2024 Nabethu mabafunde ukugcina imisebenzi emihle ngokuswela, ukuze bangabi abangatheli. |
Wabona umkhiwane ngasendleleni, waya kuwo, akafumananga lutho kuwo, amaqabunga kuphela; Umkhiwane wabuna masinyane.
Aningikhethanga mina, kodwa mina nginikhethile, nganimisela ukuba nihambe, nithele isithelo, nesithelo senu sihlale, ukuze noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona.
UBaba uyakhazinyuliswa ngalokhu ukuba nithele izithelo eziningi; kanjalo niyakuba ngabafundi bami.
Njengokuba yena engowomsebenzi ofanayo, wahlala nabo esebenza, ngokuba umsebenzi wabo babengabathungi bamatende.
Kukho konke nginibonisile, ukuthi ngokushikashikeka kanje kufanele nisize ababuthakathaka, nikhumbule amazwi eNkosi uJesu, ukuthi yathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’
Ngakho nxa sengikufezile lokho, sengibaphawulele lesi sithelo, ngizakudlula ngakini ngiye eSpaniya.
Owebayo makangabe eseba, kodwa kunalokho makakhuthale, asebenze okuhle ngezandla zakhe, ukuze abe nokokwabela osweleyo.
nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ezingoJesu Kristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.
Kungesikho ukuthi ngifuna ukuphiwa, kodwa ngifuna isithelo esingavama esibalweni senu.
ukuze nihambe ngokufanele iNkosi ngokuthokozisa konke, nithela kuyo yonke imisebenzi emihle, nikhule ekwazini uNkulunkulu;
Ngokuba niyakhumbula, bazalwane, umshikashika wethu nokushikashikeka kwethu, sisebenza ubusuku nemini, ukuze singasindi muntu kini, sashumayela ivangeli likaNkulunkulu kini.
Asidlanga sinkwa samuntu mahhala; kodwa sisebenza ngokukhandleka nangomshikashiko ubusuku nemini, ukuze singabi mthwalo kunoma yimuphi kini.
Inkulumo ephilileyo engenakulahlwa; ukuze ophambeneyo abe namahloni, engenalutho olubi angalusho ngani.
Likholekile leli zwi, futhi lezizinto ngithanda ukuba uziqinise ungayeki, ukuze abakholwa nguNkulunkulu baqaphele ukugcina imisebenzi emihle. Lezi zinto zinhle futhi zinenzuzo kubantu.
Ngokuba uma lezizinto zikhona kini, zivama, zinenza ukuba ningabi-inyumba nabangatheli ekwazini iNkosi yethu uJesu Kristu.