Bafika kuJesu, bambona obekhwelwe ngamademoni ehlezi, embethe, esangulukile, owayekhwelwe ngamademoni; base besaba.
KuThithu 2:2 - Baasraak Zulu New Testament Bible ukuze amadoda amadala abe ahluzekile, ahloniphekile, aqondileyo, aphilile ekukholweni, othandweni, nasekubekezeleni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE sokuthi: Amadoda amadala mawabe ngazithibayo, azothileyo, aqondileyo, aphilile ekukholweni, nasothandweni, nasekubekezeleni; IsiZulu 2020 ethi: amadoda amadala mawabe ngazithibayo, ahloniphekile, anengqondo, aphilile ekukholweni, othandweni nasekubekezeleni. Contemporary Zulu Bible 2024 ukuze amadoda amadala abe ahluzekile, ahloniphekile, aqondileyo, aphilile ekukholweni, othandweni, nasekubekezeleni. |
Bafika kuJesu, bambona obekhwelwe ngamademoni ehlezi, embethe, esangulukile, owayekhwelwe ngamademoni; base besaba.
Base bephuma ukuyobona okwenzekileyo; bafika kuJesu, bamfumana umuntu okwakuphume kuye amademoni ehlezi ngasezinyaweni zikaJesu embethe, esangulukile;
Esakhuluma ngokulunga, nokuzithiba, nokwahlulela okuzayo, uFelike washaywa luvalo, waphendula wathi: “Okwamanje hamba; nxa nginesikhathi esihle, ngizakubiza.
Ngoba ngomusa engiwuphiweyo, ngithi kuwo wonke umuntu ophakathi kwenu ukuthi angazicabangeli ngaphezu kwalokho afanele ukukucabanga; kodwa acabange ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele yilowo nalowo isilinganiso sokukholwa.
Phaphamani ekulungeni, ningoni; ngoba abanye kabamazi uNkulunkulu; ngikhuluma lokhu ukuze libe lenhloni.
Labo bonke abancintisayo bayazithiba ezintweni zonke. Manje bakwenzela ukuthola umqhele owonakalayo; kodwa thina esingaboliyo.
Ngokuba noma siyahlanya, kungenxa kaNkulunkulu; noma sisangulukile, kungenxa yenu.
Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhle, konke okulungileyo, konke okuhlanzekileyo, konke okuthandekayo, konke okutusekayo; uma kukhona okuhle, noma kukhona ukubongwa, zindlani ngalezizinto.
Kepha thina esingabemini masizithibe, sifake isivikelo sesifuba sokukholwa nothando; nesigqoko sokuzivikela, ithemba lensindiso.
Izifebe, labazingcolisa kanye labantu, amasela abantu, abaqambimanga, abafunga amanga, njalo uba kukhona okunye okuphambana lemfundiso ephilileyo;
Kepha umusa weNkosi yethu wavama kakhulu kanye nokukholwa nothando olukuKristu Jesu.
kuThimothewu, indodana yami uqobo ekukholweni: Makube umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu noKristu Jesu iNkosi yethu.
Kepha isiphetho somyalo siluthando oluphuma enhliziyweni ehlanzekileyo, nakunembeza omuhle, nasekukholweni okungazenzisi;
Kanjalo omkabo mababe nesizotha, bangabi ngabahlebi, abaqondileyo, abathembekile ezintweni zonke.
Ngakho umbhishobhi umelwe ukuba ngongasolekiyo, indoda emfazi munye, eqaphile, eqondileyo, eziphatha kahle, ephatha kahle izihambi, enekhono lokufundisa;
ongamela kahle owakhe umuzi, enabantwana abamthobela ngakho konke ukuhlonipheka;
Ngokunjalo namadiyakoni amelwe ukuba nesizotha, angabi ndimimbili, angabi ngabanakwa kakhulu, angahaheli inzuzo embi;
Lobu bufakazi buqinisile. Ngakho-ke ubakhuze kabukhali, ukuze baphile ekukholweni;
Kodwa ophatha kuhle izihambi, othanda okuhle, ozithibileyo, olungileyo, ongcwele, ozithibileyo;
ezintweni zonke uzibonakalise uyisiboniso semisebenzi emihle: esifundiseni ukhombisa ukungonakali, ukulunga, ubuqotho,
Nokho ngenxa yothando kungcono ngikuncenge, mina enginjengoPawulu ixhegu, namanje futhi ngiyisiboshwa sikaKristu Jesu.
Ngakho-ke bophani izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nithembele kuze kube sekupheleni umusa ozolethwa kini ekwambulweni kukaJesu Kristu;
Zithibeni, niqaphe; ngokuba isitha senu uSathane, njengengonyama ebhongayo, siyahamba sifuna engamshwabadela;
nasolwazini ukuzithiba; nasekuzithibeni ukubekezela; nasekubekezeleni ukumesaba uNkulunkulu;