Ngokuba kuye siphila, siyanyakaza, sikhona; njengalokhu izimbongi ezithile zakini zishilo ukuthi: Ngokuba nathi siyinzalo yakhe.
KuThithu 1:12 - Baasraak Zulu New Testament Bible Omunye wabo, umprofethi wakubo, wathi: AmaKrethe ahlala eqamba amanga, izilwane ezimbi, izisu ezimnene. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Omunye kubona, umprofethi wakubo, washo wathi: “AbaseKrethe bangabaqambimanga njalo, izilwane ezimbi, iziminzi ezivilaphayo.” IsiZulu 2020 Omunye wabo, umphrofethi wakubo, wathi: “AbaseKhrethe bangabaqambimanga njalo, izilwane ezimbi, neziminzi ezivilaphayo.” Contemporary Zulu Bible 2024 Omunye wabo, umprofethi wakubo, wathi: AmaKrethe ahlala eqamba amanga, izilwane ezimbi, izisu ezimnene. |
Ngokuba kuye siphila, siyanyakaza, sikhona; njengalokhu izimbongi ezithile zakini zishilo ukuthi: Ngokuba nathi siyinzalo yakhe.
AmaKrethe lama-Arabhiya, siyabezwa bekhuluma ngendimi zethu imisebenzi emangalisayo kaNkulunkulu.
Kwathi ngenxa yokuthi itheku lalingekuhle ukuhlala ebusika kulo, abanengi bacebisana nokuthi kusuke lapho, ukuba mhlawumbe bafike eFenike, balale khona ubusika; eliyitheku laseKrethe, elibheke eningizimu-ntshonalanga nasenyakatho-ntshonalanga.
Kuthe umoya waseningizimu uphephetha kancane, bathi sebekuzuzile ababekuhlosile, basuka lapho, bagudla iKrethe.
Sesihambe kancane izinsuku eziningi, safika kalukhuni ngaseKinidu, umoya ungasivumeli, sagudla iKrethe malungana neSalimone;
Ngokuba abanjalo kabakhonzi iNkosi yethu uJesu Kristu, bakhonza isisu sabo; nangamazwi amahle namnandi bakhohlisa izinhliziyo zabangenalwazi.
abakuphela kwabo kungukubhujiswa, abaNkulunkulu wabo uyisisu sabo, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abanaka izinto zasemhlabeni.
Ngenxa yalokhu ngakutshiya eKrethe, ukuze ulungise okusilelayo, njalo umise abadala emizini yonke, njengokukulaya kwami;
Kepha laba, njengezilwane ezingenangqondo, ezizalelwe ukubanjwa zibhujiswe, bahlambalaza abangaziqondiyo; futhi bayobhubha nokubhubha ekonakaleni kwabo;
abayishiyile indlela eqondileyo baduka belandela indlela kaBalami indodana kaBosori owathanda inkokhelo yokungalungi;