Ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono.
KumaHeberu 8:8 - Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba ebasola, uthi: Bheka, izinsuku ziyeza, isho iNkosi, lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli nendlu kaJuda. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba lapho ebasolayo, uthi kubo: “Bhekani, izinsuku ziyeza, isho iNkosi, lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli, nendlu kaJuda, IsiZulu 2020 Kepha lapho ebasola, uthi kubo: “Niyabona, izinsuku ziyeza,” kusho iNkosi, “lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli nendlu kaJuda, Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba ebasola, uthi: Bheka, izinsuku ziyeza, isho iNkosi, lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli nendlu kaJuda. |
Ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono.
Wayesethi kubafundi bakhe: “Kuyakufika izinsuku, lapho niyakufisa ukubona lube lunye lwezinsuku zeNdodana yomuntu, kepha aniyikulubona.
Kanjalo nenkezo emva kokudla kwakusihlwa, ethi: Le ndebe iyisivumelwano esisha egazini lami elithululwa ngenxa yenu.
Kodwa iwayini elisha limelwe ukuthelwa ezimvabeni ezintsha; futhi zombili ziyalondolozwa.
Kanjalo wathabatha nesitsha emva kokudla kwakusihlwa, wathi: Le ndebe iyisivumelwano esisha egazini lami;
owasenza futhi amandla okuba yizikhonzi zesivumelwano esitsha; kungeyisikho okulotshiweyo kodwa okukamoya, ngoba okulotshiweyo kuyabulala, kodwa umoya uyaphilisa.
nakuJesu umlamuleli wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafazwa, elikhuluma okuhle kunelika-Abela.
Ngokuthi: Isivumelwano esitsha, usenze esokuqala siguge. Manje lokho okubolayo nokugugayo sekulungele ukunyamalala.
Kodwa khathesi usezuze inkonzo enhle kakhulu, njengoba engumlamuleli wesivumelwano esingcono, esimiswe phezu kwezithembiso ezingcono.
Ngakho-ke ungumlamuleli wesivumelwano esitsha, ukuze kuthi ekufeni kube kuhlengwa eziphambekweni ngaphansi kwesivumelwano sokuqala, ababiziweyo bamukele isithembiso sefa eliphakade.