Kulotshiwe kubaprofethi ukuthi: Futhi bonke bayakuba ngabafundiswe nguNkulunkulu. Ngakho wonke umuntu ozwile kuBaba wafunda kuBaba uyeza kimi.
KumaHeberu 8:11 - Baasraak Zulu New Testament Bible Abayikufundisa, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe, nalowo umfowabo, ngokuthi: ‘Yazi uJehova,’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela komncane kuze kufike komkhulu wabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abasayikufundisa kube yilowo nalowo owakubo, nalowo umfowabo, ngokuthi: ‘Yazi INkosi;’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela komncane kuze kufike komkhulu wabo. IsiZulu 2020 Abasayukufundisana, kube yilowo nalowo efundisa owakubo, nomunye efundisa umfowabo, ethi: ‘Yazi iNkosi.’ Ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabadala. Contemporary Zulu Bible 2024 Abayikufundisa, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe, nalowo umfowabo, ngokuthi: ‘Yazi uJehova,’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela komncane kuze kufike komkhulu wabo. |
Kulotshiwe kubaprofethi ukuthi: Futhi bonke bayakuba ngabafundiswe nguNkulunkulu. Ngakho wonke umuntu ozwile kuBaba wafunda kuBaba uyeza kimi.
ababemlalela bonke, kusukela komncane kuze kube komkhulu, bethi: Lo ungamandla kaNkulunkulu amakhulu.
Kepha ukugcotshwa enakwemukela kuye kuhlala kini, anidingi ukuba ubani anifundise, nihlale kuye.
Siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda, ukuze simazi oqinisileyo, sikuye oweqiniso, eNdodaneni yakhe uJesu Kristu. Lona unguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.